
Uqinise amahlebezi ngePirates oweSekhukhune eyigingqa
Umdlali we-Sekhukhune United okunguye oshaye igoli eligingqe i-Orlando Pirates ususe ukuqagela ngekusasa lakhe.
I-Sekhukhune ihlikihle usawoti enxebeni eliselisha kwi-Orlando Pirates iyishaya ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesithathu.
UTresor Tshibwabwa nguye oshaye igoli esiwombeni sesibili salo mdlalo obuse-Orlando Stadium ebigcwele phama.
Yize abalandeli bePirates bezamile ukuqhubeka nokucula, kucacile ukuthi leli goli lifane nomkhonto ongene qede wajama enxebeni.
Phela bekulindeleke ukuthi i-Orlando Pirates ingagcini nje ngokudlala kahle, kodwa iyishaye i-Sekhukhune kulo mdlalo ukubuyisa umgqigqo wayo.
Lokhu bekulandela ukuthi ishaywe kabana kwiCaf Champions League ngesikhathi iwashiswa ijezi yiPyramids FC yase-Egypt ngempelasonto edlule.
Ukwehlulwa imidlalo emibili kulandelana kwehlise ukuzethemba kuleli qembu ikakhulukazi njengoba libheke emdlalweni onzima neKaizer Chiefs.
IPirates izovakashela labo makhelwane bayo baseSoweto eFNB Stadium ngoMgqibelo emdlalweni ozoqala ngo-3 ntambama.
UTshibwabwa uzithole engamakiwe ngesikhathi kade kunekhona egotshwe uKeletso Makgalwa.
Ube esegxuma, walingqofa ibhola qede layonamathela enethini, kwaba yilona goli elijuqa iPirates.
Lehlise namathuba okuthi ifice iMamelodi Sundowns emjahweni wesicoco seligi njengoba igebe seliphinde lenyuka laba ngelamaphuzu angu-12 phakathi kwalamaqembu.
Nokho okuthathe amehlo wukuthi lo mdlali odabuka eDR Congo akazange alijabulele leli goli lakhe.
Wenzise okomdlali oshaye igoli eqenjini abedlala kulo, owenqabayo ukujabulela igoli ukukhombisa inhlonipho.
Kodwa ke uTshibwabwa yena akakaze adlale kwiPirates phambilini.
Ngakho lesi senzo sakhe sixakile nje. Kodwa ke njengoba sekuke kwavela phambilini ukuthi iPirates iyamfuna, kungenzeka ukuthi kukhona osekukhona phakathi kwakhe nayo.
Ukungalijabuleli kwakhe igoli kususe amahlebezi okuthi yingoba sekunesivumelwano kuye nePirates sokuya kuyo ngesizini ezayo.
