EzintshaOrlando Pirates

Okushiwo uHotto ngengxabano kaTito no-Ouaddou

Umdlali we-Orlando Pirates u-Deon Hotto usephumele obala wavikela uzakwabo uPatrick Maswanganyi ngemuva kwengxabano yakhe nomqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou.

Lokhu kuxakazisana kwenzeka ngesikhathi sekhefu lomdlalo neMarumo Gallants ngoFebhuwari.

Le ngxabano ivezwe esiqeshini sokuqala seBucsCamp esisakazwe kwiPirates TV nakuSuperSport ngeSonto. 

Yenzeka ngesikhathi amaBhakabhaka ehamba phambili ngo 2-0, kanti uMaswanganyi wayeseshaye igoli kodwa waphinde washweba elinye ithuba elicacile.

U-Deon Hotto waba ngomunye wabanqanda u-Adbeslam Ouaddou owayekhafula umlilo esho ukuzifikela maphutha kuTito.

“Ukushuba kwesimo kwakusezingeni eliphezulu. Umqeqeshi wayekhala ngokuthi uTito ubamba ibhola isikhathi eside futhi akalikhululi ngokushesha. 

“Kodwa nathi njengabadlali sasibona ukuthi iGallants yayihlezi emuva futhi ivale zonke izikhala,” kusho uHotto.

Uthe uMaswanganyi wachazela umqeqeshi ukuthi wayedinga isikhathi ebholeni ukuze athole indlela yokugqobhoza udonga lweGallants.

“UTito wathi, ‘Mqeqeshi, angikwazi ukulikhulula ngokushesha ibhola ngoba leli qembu lihlezi emuva. Ngidinga isikhathi ukuze ngilivule.’ 

“Mina ngabona ukuthi wayeqinisile ngoba babengasivumeli ukuthi sidlale ngendlela esijwayele ngayo.

“Uma sibheka iqembu lethu, umuntu oyedwa owayengakwazi ukuvula izikhala nguye uTito,” kuqhuba uHotto.

U-Deon Hotto uphinde waveza ukuthi abantu abaningi babona kuphela ingxabano kodwa abazi ukuthi u-Abdeslam Ouaddou umthanda kangakanani uTito.

“Umqeqeshi umthanda kakhulu uTito. Kodwa kufanele uqonde ukuthi uTito ungumuntu okhethekile.”