EzintshaMamelodi Sundowns

ISundowns ibuyisa owazakhela igama kwiStellies

I-Mamelodi Sundowns kubikwa ukuthi isiseduze nokuqedela ukusayinisa kwayo kokuqala okukhulu ngaphambi kwesizini entsha.

Kuvela ukuthi seyivumelene neqembu lase-Austria iSV Ried ngokudayiselwa umdlali wasophondweni ozalwa kuleli u-Antonio van Wyk.

AMasandawana usenesikhathi eside ulandela lo mdlali owagqama kwiStellenbosch FC ngaphambi kokuthuthela phesheya.

Futhi manje kubonakala sengathi sekusele izinyathelo ezimbalwa kuphela ngaphambi kokuthi agqoke imibala ephuzi neluhlaza.

Ngokwemibiko, i-Mamelodi Sundowns neSV Ried sebevumelene ngemali yokudayiselana lo mdlali.

Lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala kubikwa ukuthi useqedile nokuhlolwa kwezempilo.

Kuvela nokuthi naye uselangazelela ukujoyina labo mpetha beCaf Champions League ngesizini ezayo. 

UVan Wyk washiya iStellenbosch ngoSepthemba ka-2024 waya e-Austria ngemuva kokuzakhela igama njengomunye wabadlali abavelele kuleli qembu laseWinelands.

Ngesikhathi ekwiStellenbosch, wadlala imidlalo engu-77 futhi wasiza iqembu ukunqoba iCarling Knockout ngo-2023. 

Uphinde wamelwa yiNingizimu Afrika emiqhudelwaneni yeCosafa Cup.

Ukuya kwakhe eSV Ried kwaphumelela njengoba esize leli qembu ukuthi likhuphukele esigabeni esiphezulu sebhola lase-Austria.

Manje, ngaphansi kweminyaka emibili selokhu ahamba eNingizimu Afrika, kubonakala sengathi usezobuya ekhaya.

I-Mamelodi Sundowns seyilungisa amathizethize ngaphambi kokuqedela ukusayinwa kwakhe bese eyethulwa kubalandeli.