
Okushiwo u-Ouaddou kushabalala igebe le-Orlando Pirates
IMamelodi Sundowns ikhiphele i-Orlando Pirates isandla ebingasilindele iyishaya ngo 2-1 eFNB Stadium ebigcwele phama ngoLwesithathu ebusuku.
Lo mphumela uvule gengelezi umjaho wesicoco seBetway Premiership njengoba sekusele imidlalo engaphansi kuka-15 kuphele isizini.
Futhi awugcinanga lapho, uphinde waqeda umqiqgo wePirates wokungehlulwa ekhaya waphinde wanciphisa negebe ezihola ngalo phambili.
Okuthanda ukuba bucayi wukuthi yize iPirates isaqhwakele kwilogi, isizizwa kakhulu izigi zeSundowns esasilele emuva ngomdlalo owodwa.
ILINYAZWE YIBHUBESI
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, ubehlele umdlalo ohlangene, la bebezogcina kahle ibhola bese bakha iminyakazo yokuhlasela esheshayo..
Kodwa izinhlelo zakhe zihlangane nembibizane ngenxa yobukhali beSundowns uma iya phambili, ikakhulukazi umgadli wayo waseColombia uBrayan Leon.
- Ugadle ephindelela: ULeon uthulise isihlwele zeBucs ngamagoli amabili asheshaye ngesiwombe sokuqala.
Uthole izitobha zihuqa ubuthongo amahlandla amabili ngomzuzu ka-36 noka-40, wabhakuzisa inethi ngobuchule. - Umthelela kwobengekho: Ukungabi khona kukaThalente Mbatha – olimele – kushiye udonga lwasemuva lwePirates luphenyekile, iSundowns yathola izikhala zokulijezisa.
- Impendulo yePirates: IPirates ikwazile ukuziqoqa, idlale kahle esiwombeni sesibili.
Ivuselelwe yigoli likaPatrick Maswanganyi alishaye zisanda kubuya ekhefini kodwa yagcina yehlulekile ukuthola elokulinganisa yize iwakhile amanye amathuba.
“UMDLALO WEZIWOMBE EZIMBILI”
U-Ouaddou obephoxekile kodwa esanethemba uveze ukuthi icebo lakhe alikwazanga ukusebenza ngesiwombe sokuqala.
“Ngicabanga ukuthi sibe nomdlalo weziwombe ezimbili,” kusho u-Ouaddou ngemuva komdlalo.
“Kwesokuqala yilapho besifuna ukubumbana, sidlale bese sakha iminyakazo yokuhlasela ngesineke…
“Ngeshwa lokho besingakweenzi kahle esiwombeni sokuqala. Ngakolunye uhlangothi, iSundowns ibe namathuba ambalwa futhi yawasebenza kahle kunathi.”
Yize ephoxekile ngalo mphumela, lo mqeqeshi wenelisekile ngezinye izinto ikakhulukazi indlela abakwaze ukuziqoqa ngayo esiwombeni sesibili
Futhi lo mdlalo kufanele ukuthi umfundise izinto eziningi ngeqembu lakhe…
- Izigi ezisindayo zeDowns: ISundowns ikhombisile ukuthi inamava embangweni wesicoco ngokungatatazeli yize iqale umdlalo icindezelekile.
Isebenzise amathuba ayo; iPirates yona yehluleka njengoba beyitatazela ifuna ukugwaza kuqala. - Ukuphatha kwakhe abadlali: Yize kungaqinisekisiwe, u-Ouaddou ushiye umgadli wakhe onamava u-Evidence Makgopa kulo mdlalo ngoba eshwebe amathuba kodlule.
Lokhu kufake ingcindezi kuYanela Mbuthuma osemncane, ogcine ehlulwa amathuba abengawasebenzisa.
UMJAHO UVULEKILE
Naphezu kokuhlulwa, u-Ouaddou ugcizelele ukuthi “akukho lutho olubalahlekele” futhi impi iyaqhubeka.
Kodwa manje njengoba igebe selinyamalale kuhle kwamazolo ebona ilanga, ingcindezi seyibuyele eqenjini lakhe.
Nokho uzothola ithuba elihle lokubuyisa ukuzethemba eqenjini lakhe ngomdlalo ‘olula’ weNedank Cup neCasric Stars kule mpelasonto.
Ngemuva kwalokho kuzoshuba kakhulu futhi i-Orlando Pirates kuzomele ihlangane ngokushesha njengoba ibuyela eFNB Stadium ngoFebhuwari 28.
FUNDA NALA | OweCity ucacisa eyokunyamalala kukaMazinyo
Kulapho izobhekana khona neKaizer Chiefs ezikhotha amanxeba ngemuva kokuphoxeka kwiCaf Confederation Cup.
Lo mdlalo – ovele ubhekwe ngabomvu – usuphenduke “okufanele awuwine” uma esenesifiso sokuwisa umbuso weSundowns.
