
Okufunwa uNabi kwiChiefs njengesipho sikaKhisimusi
- Intatheli yeLISENETHINI
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, usekuvezile athemba ukuthi abaqashi bakhe bazomnika kona njengesipho ngoKhisimusi.
UNabi uthi unethemba lokuthi uzonikwa isheke lemali eningi ngabaphathi beChiefs ukuze athole abadlali abasha abambalwa ngewindi likaJanuwari.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi iChiefs idlale ngendlela ephoxayo ibambana ngo 1-1 neTS Galaxy ngeSonto.
UNabi uvumile ukuthi akaneme ngendlela iqembu lakhe eliquwale ngayo lo mdlalo weBetway Premiership obuseMbombela Stadium.
Nokho uncome ukubuya kwabo ngegiya elingcono ngokuqhubeka komdlalo, ikakhulukazi esiwombeni sesibili.
IChiefs kuzomele iqinise isikwati sayo ukuze ihlangabezane nalokho okulindelwe uNabi ngonyaka omusha.
“Sinomuzwa wokuthi asiqalanga kahle, imizuzu yokuqala engu-15, 20, besilahlekelwa yiwo wonke amabhola,” kusho uNabi ngemuva komdlalo.
“Ibhola besililahla kalula. Wonke amabhola ebesiwabanga, abedliwa yimbangi, okuyinto eyenze kwanzima kakhulu kithi.
“Sizamile ukuwenza kangcono ngomzuzu ka-25, sizame ukulungisa iqembu ngokwamacebo okudlala, senze ushintsho oluncane, sabe sesibuya, sibe ngcono impela.
“Kodwa sibe sesidedela igoli lapho sinomuzwa wokuthi sesiqala ukubuya emdlalweni ngempela.
“Besiwulawula ngangconywana, sinokuzibophezela okwengeziwe. Futhi, ngesiwombe sesibili, sizamile ukuphushela phambili.
“Siwayekile amathuba okushaya amagoli. Futhi ekugcineni, sazama konke ukufaka amandla engeziwe…
“Futhi ngenhlanhla, salithola igoli. Kodwa sinomuzwa wokuthi sikude kakhulu nezinga elilindelwe eqenjini elifana neKaizer Chiefs.
“Futhi sidinga ukusebenza kanzima, sidinga ukuqinisa iqembu kodwa sizokwenza konke esingakwenza emidlalweni ezayo ngalokhu esinakho.”
UNabi uphethe ngokuncokola ethi angathanda ukuthola abadlali abambalwa abaphezulu njengesipho sikaKhisimusi.
“Isipho esiphelele sesikhathi sikaKhisimusi kuzoba abadlali abangaqinisa iqembu,” kwengeza yena.
“Futhi sinomuzwa wokuthi sizokwenza konke kahle ngalokho okufanele sithole imiphumela engcono.”
