
Kukhethwe iphela emasini kuholelwa abeRoyal AM
Abanye babadlali beRoyal AM basalokhu bengajabule njengoba bengakakhokhelwa namanje amaholo abo kaDisemba.
Leli qembu elizinze eMgungundlovu lixolisile kubadlali ngeledlule, lachaza ngokwenzekile okuholele ekutheni bengaholi.
Esitatimendeni esisayinwe ngumengameli weqembu uShauwn “MaMkhize” Mkhize kuvele ukuthi ama-akhawunti ale kilabhu amiswe ngabakwaSars.
Kodwa bathe basebenza ubusuku nemini ukuqinisekisa ukuthi imali iyakhishwa ukuze abadlali bakhokhelwe.
Ngesonto eledlule, imenenja yeqembu uRichard Makhoba ucashunwe ethi lolu daba selulungisiwe futhi abadlali sebekhokhelwe.
Kodwa umthombo osondelene nomunye wabadlali beRoyal AM uthi akakakhokhelwa futhi udonsa kanzima ukukhokha izikweletu zakhe.
“Abadlali abaholile kwiRoyal AM namanje, bayahangaza, balambile,” kusho lo mthombo.
“Eish mfwethu intwana yami u(emgagula ngegama) ayiholile kuze kube manje.
“Abanye ngathi baholile, kwase kuthiwa laba abasuka eqenjini leDDC (DStv Diski Challenge) izobuye ibonwe eyabo.
“Okuxakayo ke kulokhu wukuthi abanye babo badlala njalo eqenjini elikhulu kusukela ngesizini edlule,” kuqhuba lo mthombo.
ILisenethini.co.za iligodle ngabomu igama lomdlali osondelene nomthombo osipotshozele lolu daba ukumvikela.
