
Okwenze iphelele ezeni eyelase-UAE ebelifuna uSaleng
UMonnapule Saleng ubhekene nesizini enzima kwi-Orlando Pirates. Yena noma iqembu abaphumeli obala ngesimo sakhe.
USaleng uselizwa ngendaba ijezi muva nje, okuphakamisa imibuzo ngekusasa lakhe kulezi zinkunzi zaseSoweto.
Ubengumdlali omqoka eqenjini likaJose Riveiro kulamasizini ambalwa edlule, kodwa kule sizini uvela amaqabuqabu.
Amahemuhemu aphakamisa ukuthi unezinkinga zangaphandle kwenkundla noma ukungaboni ngaso linye noRiveiro.
Abalandeli bahlukene phakathi. Abanye bafuna ukucaciseleka ngaphambi kokwahlulela.
Abanye bakholwa amahlebezi okuthi uphoqa iqembu ukuthi limenyusele umholo futhi bambiza bambona enomhobholo.
Abanye bayameseka uSaleng, banxusa ikilabhu ukuthi imeseke kakhulu, futhi imnike lokho akufunayo.
USaleng uphuthelwe imidlalo emihlanu ngonyaka odlule futhi bekunesikhathi la abengaziqeqeshi khona neqembu.
Ubuye ngendlela encomekayo ngesikhathi iPirates ibhekene ne-Al Ahly kodwa waphinde wanyamalala.
Uke wavela emdlalweni wePirates ebonakala engajabule neze ngesikhathi iqembu lishaya amagoli.
Ngesonto eledlule, uphuthelwe imidlalo bebhekene neCape Town City neCR Belouizdad.
Lokhu kubhebhethekisa ukuqagela ngekusasa lakhe. Imibiko manje iphakamisa ukuthi iPirates ike yathola esivela e-United Arab Emirates.
Kuthiwa kuneqembu ebelisha amashushu ngaye, futhi lazama ukuvula izingxoxo kodwa lehluleka.
“Ngibe nomhlangano ngoSaleng nesinye sezikhulu eziphambili zePirates eHyde Park,” kusho imenenja yabadlali uRui Frois kwiKickOff.com.
“Umuntu engisondelene naye, oyimenenta e-UAE, unginike umsebenzi wokuhlanganisa lesi sivumelwano lapha eNingizimu Afrika.
“Futhi njengoba ebengeyena umdlali osesitebeleni sethu, senze obekumele sikwenze ekuxhumaneni neqembu.
“Lokhu kwakungemva kokuxhumana nabanye abantu esatshelwa ukuthi yibo abamphethe.
“Ngeshwa, asikwazanga ukuqhubeka, futhi kuyadabukisa ukuthi umfana akasalitholi ijezi manje,” kwengeza uFrois.
Ukuthi kwenzakalani nokuthi izophelelaphi indaba kaSaleng kwiPirates ngenye yezinto ezibhekwe ngabomvu ebholeni lakuleli.
