
Obengumgadli weRoyal AM uhalelwa amathathu kwiPSL
Angase abuye ngamadla kwiBetway Premiership obengumgadli we-Royal AM uSedwyn George njengoba ezotholakala mahhala eqenjini elimfunayo maduze.
Sekuvele ukuthi uSedwyn George usohlwini lwabadlali abafunwa uthuli emaqenjini amabili eBetway Premiership, neleMotsepe Foundation Championship.
Umsebenzi kaGeorge uphazamiseke kakhulu ngesikhathi i-Royal AM ihluleka ukuqhubeka nemidlalo yayo kwiPremiership ngenxa yezinkinga zemali.
Ngemuva kokuxoshwa kwe-Royal AM kwiPSL, usayine inkontileka yesikhashana neHighbury FC edlala kwiChampionship. Le nkontileka iphela ngoJuni 30.
I-KickOff ibika ukuthi ngeke aliswele iqembu azodlala kulo njengoba iTS Galaxy neHighbury FC sebevele bazivezile ukuthi bayamfuna.
“Ikilabhu yePremiership iTS Galaxy, kanti kwiNFD khona ufunwa yikilabhu okuphele isizini ekuyo, iHighbury FC.
“Isifiso sakhe sokuqala bekuyiGalaxy, okuqondakalayo njengoba wonke umdlali efuna ukudlala kwiPremiership nje.
“Akukacaci ke nokho ukuthi kungani ithatha isikhathi eside kangaka manje iGalaxy.
“Kodwa ngicabanga ukuthi kuhlobene nokudlula emhlabeni kukamama kasihlalo wayo uTim Sukazi.
“Sekuphele izinsuku eziyishumi manje izithulele, ingasho lutho,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Ngakho umfana akabange esakwazi ukulinda. Kudingeke ukuthi aqale abheke okunye okuvelayo emaqenjini amfunayo uma kwenzeka iGalaxy igcina ithule unomphelo.
IHighbury FC, adlale kuyo engxenyeni yokugcina yesizini edlule, ifuna ukumgcina, aqhubeke kuyo nangesizini ezayo.
Nokho kunelinye iqembu lePremiership, iPolokwane City, nalo elikhombise intshisekelo kodwa abuye lathula.
Kuthiwa uGeorge uselinde ukubona ukuthi lawa amabili ePremiership agcina ngaliphi, bese eqhubeka nokuthatha isinqumo ngekusasa lakhe.
