
IPirates ibanjwe ngophondo incishwa amaphenathi
Owayengunompempe kwiPSL, uVictor Hlungwani usesole unompempe owayephethe umdlalo weMarumo Gallants ne-Orlando Pirates ngobugwala.
UHlungwani, owaziwa ngelika-The Principal, uphawule ngesigameko la iPirates bekumele ibekelwe khona iphenathi emdlalweni wangesonto elidlule.
Nokho unompempe wangalelo langa akazange abe nesibindi sokulikhomba emlotheni ekubeni kwaba kabili la kumele akwenze khona lokho.
IPirates beyihamba phambili ngo 1-0 ngesikhathi umdlali weGallants elithinta ngengalo ibhola, kodwa unompempe waziba.
Ukusuka lapho ibhola liye ku-Oswin Appollis, wabhekana ngqo nonozinti kodwa umdlali weGallants wamkeqa engemuva kwakhe.
Kuzo zombili lezi zigameko, unompempe washaya ngathi akabonanga lutho olubi kanti iPirtaes igcine ihlulwe ngo 2-1 kulo mdlalo.
“Kunala ibhola lishaya esandleni, bese kuba yila kukhutshwa khona umdlali,” kusho uHlungwani kwiSoccerzone ngoMsombuluko.
“Uma ibhola lishayisa engalweni kulesiya simo, kumele kubekwe iphenathi.
“Kukhona nala kukhutshwa khona umdlali, ngakho asemabili lamacala – eyokudlala ibhola ngengalo nelokukeqa u-Appollis ngakho mabili lamacala angazange ahlawuliswe.
“Yisinqumo esingesona esithathwe unompempe ukuthi angayibeki iphenathi ngoba mabili amacala enzekile, womabili afanele ukujeziswa ngephenathi.”
FUNDA NALA | Elase-Eastern Cape nezinhloso ezinkulu liqasha uKhenyeza noSeptember
IPirates yahlulwa ngo 2-1 kulo mdlalo, kanti kunemibono yokuthi ukube yabekwa iphenathi, yayingashaya igoli lesibili bese kuba nzima kwiGallants ukubuya.
Lo mphumela wafakela umqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou ingcindezi emangalisayo okumanje ayikehli yize iqembu leze kahle libhekene neMamelodi Sundowns ngempelasonto.
