
Avumbuke kwele-ABC League ‘amawele’ agajwe yiChippa
IKomani United edlala kwi-ABC Motsepe League e-Eastern Cape isivuke ngabaqeqeshi abazakhele igama emaqenjini eBetway Premiership.
Leli qembu – elithenge isitifiketi sokudlala kulesi sigaba – likhombise izinhloso zokuba yiqembu elikhulayo liqasha oThabo September noMabhuti Khenyeza.
Laba baqeqeshi bagudluzwe nguChippa Mpengesi eqenjini lakhe ekupheleni kwesizini edlule njengoba iChippa United.
Basale bengasenawo umsebenzi njengoba lingekho iqembu elidlala kwiBetway Premiership nakwiMotsepe Foundation Championship elibathathile.
UKhenyeza kuke kwavela ukuthi angase athathwe yiKruger United yaseMpumalanga edlala kwiChampionship kodwa kwagcina kungenzekanga.
UThabo September uqashwe ukuthi abe ngumqondisi wezokuqeqesha kwiKomani, kanti uMabhuti Khenyeza yena uzoba ngumqeqeshi kuleli qembu.
Ngokuthola kweLisenethini ngomthombo osondelene naleli qembu, umnikazi walo ulifuna ligijima kwiChampionship ngesizini ezayo.
“Yikho lokho okwenze alande abaqeqeshi abanamava ngoba akafuni ukuhlala isikhathi eside kulesi sigaba ngoba akube kusadluleka,” kusho umthombo.
FUNDA NALA | UCross ugqugquzelwa abamgxekayo
UKhenyeza useke waqeqesha kwiGolden Arrows, iTS Galaxy, AmaZulu FC neChippa United phamnbilini.
USeptember yena useke waqeqesha kwiDDC yeSuper Sports United naseqenjini elikhulu kwiChippa United.
Sekubhekwe ukuthi basebenzise amava abo ukusiza iKomani United ifeze izifiso zayo zokukhushulelwa ezigabeni ezikhokhelayo.
– Alfred Ngubane
