Ezintsha

Ngabe zizojika izinto kwiPSL noma kuzoqhubeka uKhoza?

IPremier Soccer League (PSL0 izokhetha isigungu esiphezulu esisha emhlanganweni wayo omkhulu ohlelelwe ukuba maphakathi noNovemba.

Lesi sigungu sikhethwa njalo ngemuva kweminyaka emine. 

Esikhona njengamanje sime kanje: usihlalo u-Irvin Khoza, uKaizer Motaung, uMato Madlala, uJohn Comitis, uStanley Matthews, uDavid Thidiela, uRejoice Simelane noRobert Benadie.

UKhoza uzokwethula umbilo wonyaka, kanti amanye amaphuzu abalulekile azoba sohlelweni lomhlangano ame kanje: 

  • Izimemezelo 
  • Ukugunyazwa kwamaminithi omhlangano odlule
  • Umbiko wonyaka ovela kwisikhulu esiphezlu (uMato Madlala) 
  • Izitatimende zezimali ezihloliwe 
  • Noma yiziphi izichibiyelo ezihlongozwayo ebhukwini lemithetho ye-NSL

 Ngaphandle kokukhethwa kwesigungu esiphezulu, amakilabhu angamalungu azophinde acelwe ukuthi enze izincomo ezizofakwa kwiSafa.

Enye yezinkinga ezivuthayo kungaba wudaba lweziqu zabaqeqeshi bezigaba ezikhokhelayo.

Umqondisi wezokuqeqesha kwiSafa uWalter Steenbok ngonyaka odlule wasusa umsindo ephakamisa ukuthi abaqeqeshi besigaba esiphezulu (iBetway Premiership] kufanele babe neCaf A Licence.

USteenbok uqhubekele phambili ngokugcizelela ukuthi iphini lomqeqeshi lona kufanele libe neCaf B Licence. 

Wathi lokhu kufanele kube yingxenye yemithetho emisha yeNSL.

Njengoba amakilabhu angamalungu e-PSL kulindeleke ukuthi ahlangane wonke eSandton Convention Centre noNovemba 13, leli kulideleke libe sezithebeni. 

Ikomidi eliphezulu elisebenzayo njengamanje likhethwe ngoNovemba ka-2020.

Kuzokhumbuleka ukuthi kuke kwanemibiko eveza ukuthi uKhoza uhlongoza ukulibeka phansi manje igeja. 

  • Lo mbiko ucashunwe kwiSABCSport.com