
Kunyuke izimendlela kuSibisi, uRiveiro ushaya ngolusha
- Sibongiseni GUMBI
UJose Riveiro usisethe ngendlela ehlukile isikimu sakhe njengoba i-Orlando Pirates iqala umkhankaso wayo weCarling Knockout ngoMgqibelo.
Ezimnyama zigadulisana neMagesi FC emdlalweni womzuliswano wokuqala kulo mqhudelwano odlalwa okwesibili kule sizini.
URiveiro uya kulo mdlalo eshodelwa kakhulu kubadlali basemuva njengoba iningi lezitobha zakhe zilimele.
Kuzo esinakeke kakhulu u-Olisa Ndah, okuqale le sizini engukaputeni futhi edlala ngokuhlangana okumangalisayo noThabiso Sesane.
Nokho uRiveiro uthe ukungabi khona kukaNdah akuyona inkinga enkulu kangako kwazise banabanye abadlali abakwaziyo ukuvala izikhala zabangekho.
UNdah ubevele engekho nangesikhathi iPirates ishaya iStellenbosch FC emdlalweni wamanqamu weMTN8 emasontweni amabili edlule.
Endaweni yakhe kwangena uNkosinathi Sibisi. Lo mdlali obizwa ngelikaBhodlela buyele esikimini nakulokhu futhi nguye ogqoke ibhande likakaputeni.
URiveiro uphinde waphumuza noPatrick Maswanganyi kanti endaweni yakhe kuqale uKarim Kimvuidi obeokhu evela esuka ebhentshini.
UThabiso Monyane naye ubuyele ebhentshini njengoba kubuya uDeano Van Rooyen emuva kwesokudla.
UVan Rooyen akawudlalanga owamanqamu ngoba wayekade eseke wadlala kwiStellies emdlalweni weMTN8.
USelaelo Rasebotja yena uthathe indawo kaThalente Mbatha eqenjini eliqala umdlalo. UMbatha walimala kowamanqamu.
UKabelo Dlamini naye uqale endaweni kaMakhehleni Makhaula, kwathi uTshegofatso Mabasa noRelebohile Mofokeng babuyela ekuqaleni umdlalo.
Bobabili laba babewuqale ebhentshini owamanqamu, bangena esiwombeni sesibili bafike bagila izimanga benqobisa iBucs.
- IPirates ibophele kanje (4-3-3): Chaine – Hotto, Sibisi, Sesane, Van Rooyen – Kimvuidi, Rasebotja, Dlamini – Mofokeng, Mabasa, Saleng.
- Ebhentshini: Buthelezi – Monyane, Maela, Nkota, Mohau, Maswanganyi, Makgopa, Ndlondlo, Viera.Â
- IMagesi ibophele kanje (3-2-3-1): Chipezeze – Mokone J;Â Abrahams, Mokone L, Mzava – Mekoa, Daporh – Mashigo, Kakora, Chirambandare – Makhubu.Â
- Ebhentshini: Mpandle, Mokhele, Sekgota, Buthelezi, Manzini, Ndwandwe, Rademeyer, Masegela, Matima.Â
