EzintshaOrlando Pirates

URiveiro uvume imibuzo ngeqembu lakhe libhula amazolo

Mhlawumbe yinto abeyidinga uJose Riveiro ukuthola iqembu elizomkhombisa ukuthi iqembu lakhe kwi-Orlando Pirates alikaqini ngale ndlela okucatshangwa ngayo. 

IPirates ihujiswe izithunzi yiMagesi FC emdlalweni omqoka weCarling Cup Knockout esiwombeni sokuqala esiphele sekucaca ukuthi iwe ngophondo. 

Kuyiwe ekhefini iMagesi seyihamba phambili ngo 3-0 kulo mdlalo obuse-Orlando Stadium ngoMgqibelo ntambama. 

Izamile iPirates ukubuya esiwombeni sesibili, umdlalo wagcina uphele ngo 3-2, yawabhula kanjalo ke amazolo kulo mqhudelwano. 

“Angicabangi ukuthi sidlale kabi kangako,” kusho uRiveiro ngemuva komdlalo. 

“Kodwa ukulandela ngemuva ngo 3-0 esiwombeni sesibili… Amagoli abo abe yinto esengike ngayibona (phambilini).

“Ukukhuluma iqiniso nje asikwazi ukuvala ngaleya ndlela emuva. Akubanga yiphutha lomdlali oyedwa, kube yiqembu lonke elihluleka ukuvala emuva.”

Uthe indlela abavale ngayo emuva – noma abahluleke ngayo – yinto emkhathazayo nokuzomele ayifakele izibuko. 

“Yinto okumele mina ngikhathazeke ngayo. Ukulandela emuva ngo 3-0 ekupheleni kwesiwombe sesibili bekunzima ukubuya.

“Kodwa silwile kwaze kwaba sekugcineni futhi sicishe sabuya emdlalweni. Kunzima nokuchaza ukuthi kungani sihlulekile ukushaya amagoli angaphezu kwamabili namuhla. 

“Siyababongela, bawenzile umsebenzi wabo. Bakwazile nokwehlisa isivinini somdlalo, nokusihlasela ngokuzumisa.”

Njengoba seyiphumile kulo mqhudelwano, mhlawumbe lokhu kuzoba yinto enhle kwiPirates kwazise lokhu kuzokwenza igxile kwiligi la okubhekwe iqede khona ukubusa kweMamelodi Sundowns.