
Ngabe uSirino uzophelela ezinkunzini zaseSoweto?
– Intatheli yeLisenethini
Sekubhekwe ngabomvu ukuthi uzophelelaphi lowo obengumdlali weMamelodi Sundowns, uGaston Sirino, ozakhele igama ebholeni lakuleli ngekhono lakhe elihle.
Kuvela ukuthi yize kunamakilabhu aseSouth America amfisayo, uSirino kuthiwa uzwakalise ukuthi uzimisele ngokuqhubeka nomsebenzi wakhe kwiPremier Soccer League (PSL).
USirino usanda kuthola ubuzwe bakhe bakuleli. Lokhu kusho ukuthi iqembu elimsayinayo ngeke limbhalise njengomdlali wangaphandle.
Lesi sinyathelo sesenze uSirino waba umdlali ekhangayo emaqenjini afuna ukuqinisa isikwati sawo ngaphandle kokuphazamisa isilinganiso sabadlali bangaphandle.
Njengamanje, amakilabhu aphezulu kwiPSL, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates abengakakuqinisekisi esidlangalaleni ukuthi ayafuna yini ukusayinisa uSirino.
I-SABC Sport ibike ukuthi abaphathi bakaSirino sebeke baxhumana nalezi zinkunsi zaseSoweto, bezwa ukuthi ngeke yini amfune lo mdlali.
USirino ujoyine iMamelodi Sundowns ngo-2018 esuka eqenjini laseBolivia iBolivar, ngokushesha waba umdlali obalulekile eqenjini.
Ngesikhathi ekumaBrazilians, usize ikilabhu ukuthi iwine izicoco eziningi zeligi nezindebe zasekhaya.
Ukukwazi ukubina izikhala, ubuhlakani bakhe, nekhono lokushaya amagoli abalulekile kwamenza intandokazi yabalandeli.
OLUNYE UDABA: USono uveza isono esixoshise uMokwena kwiDowns
Njengomdlali ongenaqembu, kubhekwe ngabomvu ukuthi uSirino uzogcina ephelele kuphi noma uzoshiya ebholeni lakuleli.
