
Iqhawe leBafana uMaseko ‘ligadle’ kwabebebasola beqopha umlando
Iqhawe leBafana Bafana, u-Thapelo Maseko, seliphawulile ngemuva kokushaya igoli eliqophele iNingizimu Afrika umlando ngokuyifaka esigabeni somkhumulajezi kwiNdebe yoMhlaba okokuqala ngqa.
Lo mdlali osheshayo ushaye igoli lokunqoba ngesikhathi iBafana ihlula iSouth Korea ngo 1-0, yaqinisekisa indawo yayo esigabeni esilandelayo salo mqhudelwano omkhulukazi emhlabeni.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, uMaseko uthe usakuthola kunzima ukukukholwa okwenzekile.
“Akukholakali. Kuzwakala sengathi ngiyaphupha,” kusho uMaseko oqokwe njengoMdlali oVelele.
“Kodwa ngincoma ozakwethu. Abadlali basemuva banikele ngakho konke namuhla.
“Lokhu kunqoba ngikunikela kubo bonke abebesethemba, ngisho nalabo ababengakholelwa kithi.”
U-Thapelo Maseko uphinde wabhekisa amazwi kubantu abese beyibukele phansi iBafana ngemuva kokuhlulwa yiMexico emdlalweni wokuqala.
“Bathi sinethuba elingu-7% kuphela lokuphuma esigabeni samaqoqo. Kodwa buka namuhla sikuphi,” kusho lo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala.
“Sibonga kakhulu ukwesekwa esikuthole kubantu baseNingizimu Afrika, futhi sizoqhubeka nokulwa.”
Lo mdlali uphinde wavuma ukuthi iqembu lidlule ezikhathini ezinzima ngemuva kokuhlulwa yiMexico, ngesikhathi ligxekwa kakhulu futhi kuhlekiswa ngalo ezinkundleni zokuxhumana.
“Sidlule esikhathini esinzima. Ngemuva komdlalo wokuqala abezindaba babesigxeka, siphenduke ihlaya ezinkundleni zokuxhumana.
“Kodwa leli qembu likhombise amandla alo, ubuqotho balo nokuthi liyakwazi ukulwa,” kuqhuba yena.
Umyalezo wakhe kubalandeli baseNingizimu Afrika ube mfushane kodwa unamandla: “Ngithi nje, ngiyabonga… ujabuleleni lo mzuzu.”
- FUNDA NALA | IBafana emlandweni ishaya iSouth Korea
Ngemuva kokuqopha umlando, iBafana manje isizobhekisa amehlo emidlalweni yomkhumulajezi, inethemba lokuqhubeka nokumangaza umhlaba.
U-Thapelo Maseko yena uzobheka ukuqhubeka nokuzakhela igama nokusiza isizwe siziqhenye.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
