EzintshaOrlando Pirates

Sekungene nelase-Egypt kwagaqele uRele Mofokeng

Ngemuva kokuhluleka ukuthola uLucas Ribeiro, ompetha base-Afrika iPyramids FC sebejikele kwisihlabani se-Orlando Pirates uRelebohile Mofokeng.

Ngemuva kokwenza kahle kwiFifa Club World Cup, amakilabhu amaningi abe nentshisekelo ngoRibeiro futhi azibika kwiMamelodi Sundowns.

Kodwa-ke, iSundowns kuthiwa ibingenanhloso yokudedela lesi sihlabani sayo futhi iziichithile zonke izicelo ebezivela zokudayiselwa lo mdlali. 

Ngenxa yalokhu, iPyramids seyijikele kuRelebohile Mofokeng, naye osedonse isasasa emaqenjini amaningi emhlabeni jikelele.

Isizindalwazi sase-Egypt i-Almasry Alyoum ibika ukuthi ompetha beCaf Champions League bafuna ukusayinisa uRele Mofokeng ukuvala isikhala esivuleke kushiya u-Ibrahim Adel. 

Lo mbiko ungowakamuva kumahlebezi amaningi ngoMofokeng, okungenzeka ashiye i-Orlando Pirates ngaphambi kokuthi kuqale isizini entsha yeBetway Premiership.

Ngesonto eledlule kubikwe ukuthi uMofokeng usezingxoxweni neqembu laseSaudi Arabia i-Al-Ettifaq, elisanda kusayina uMohau Nkota.

Lo mdlali uphinde wamataniswa neqembu lase-Israel, nakuba lokhu kuchithwe yiPirates. 

Amakilabhu kuMajor League Soccer e-United States nawo kuthiwa anentshisekelo ngalo mdlali osemncane kodwa onekhono elimangalisayo.

Kuke kwavela nokuthi ompetha beDutch Eersdivisie, iPSV Eindhoven, nabo banentshisekelo ngoRele Mofokeng, kodwa nalokhu sekuchithwe yiPirates.

Emasontweni amabili edlule, inkakha yeBafana Bafana, uBenni McCarthy, osengumqeqeshi weqembu lesizwe laseKenya, unxuse uRee Mofokeng ukuthi athuthele e-Europe.

Uthe lokhu yikhona kuphela okungamsiza ukuthi akhule njengomdlali webhola.

“Ngike ngambuka izikhathi eziningana, futhi ngicabanga ukuthi unamandla amakhulu. 

“Unobuhlakani kanti udlala ibhola labadlali besizukulwane sethu,” kusho uMcCarthy ekhuluma nabe-IOL Sport muva nje.

“Ubashiya kude ontanga bakhe ngokolwazi lwebhola. Ngicabanga ukuthi unakho okudingekayo ukuze aphumelele e-Europe. 

“Ngingamkhuthaza ukuthi athole indlela yokuyodlala e-Europe. INingizimu Afrika, yebo, inabadlali abahamba phambili e-Afrika, kodwa i-Afrika iyizwekazi elincane ngokwebhola.

“Uma udlala e-Europe, uthola ithuba lokudlala nababadlali abakhulu nabahamba phambili emhlabeni.”

Njengoba intshisekelo evela kumaligi aphezulu ikhula, ikusasa likaRele Mofokeng libonakala lingale kwemingcele yaseNingizimu Afrika.

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO