EzintshaKaizer Chiefs

Ngabe kufanele iChiefs ikhathazeke ngoNasreddine Nabi?

Ukuhlulwa kwakamuva kweKaizer Chiefs kushiye abalandeli bethukuthele begane unwabu ngomqeqeshi u-Nasreddine Nabi. 

Abaningi bafuna lo mqeqeshi odabuka eTunisia axoshwe ngokushesha ngoba abaliboni libhekephi iqembu ngaphansi kwakhe.

Amakhosi ahlulwe ngo 2-1 yiGolden Arrows eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo – bes ekungokweshumi ehlulwa emidlalweni yeligi engu-23. 

Lokhu kuhlulwa kulandele eduze kokuhlulwa ngo 2-0 yiRichards Bay, okuyiqembu elilwela ukuvika izembe. 

IChiefs manje ihlezi endaweni yesishiyagalombili kwilogi yeBetway Premiership njengoba sekusele imidlalo eyisikhombisa kuphela.

Ukuqeda kwayo emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu kwilogi manje kusengcupheni enkulu njengoba amaqembu angemuva kwayo engena efomini futhi eqoqa amaphuzu. 

Ngaphansi kukaNasreddine Nabi, iKaizer Chiefs isidlale imidlalo yeligi engu-23, yanqoba keeyisishiyagalombili nje kuphela. 

Leli yirekhodi elibi futhi seliholele ekukhungathekeni kwabalandeli okukhula nsuku zonke. 

Abalandeli bakholelwa ekutheni abaphathi beKaizer Chiefs kufanele bazinuke amakhwapha ngokuqasha kwabo uNasreddine Nabi. 

Abaningi manje babona ukuqokwa kwakhe kungabanga yiqinqumo esifanele.

IChiefs sekuphele amasizini ayisishiyagalolunye ingenayo indebe. Abanye babalandeli banxusa umnikazi wekilabhu uKaizer Motaung ukuthi ake aphinde azibambele mathupha.

Banxusa ukuthi aqashe abantu abanolwazi ezikhundleni ezibalulekile eqenjini, hhayi amalungu omndeni wakhe. 

Njengamanje izikhundla ezimqoka kwiChiefs ziqhoqhobelwe amalungu omndeni kwakwaMotaung.

Ingcindezi iyakhula ebuholini beChiefs. Abanye abalandeli bakholwa ukuthi leli qembu kufanele lilandele isibonelo seSuperSport United neCape Town City. 

Womabili la makilabhu asanda kuxosha abaqeqeshi abanamava ngenxa yemiphumela engemihle. 

IChiefs kumele inqume ukuthi izothatha isinyathelo manje noma izibeke engcupheni yokuba nenye isizini ephoxayo – okweshumi kulandelana.

Njengoba isikhathi sincipha, ngabe iKaizer Chiefs izothatha isinqumo esingujuqu ngoNasreddine Nabi noma izoqhubeka nale ndlela engabonakali ibhekephi?

Kumele kukhumbuleke ke nokho ukuthi kuqashwa uNabi nje yingoba bekubhekwe ukujabulisa bona abalandeli.

Phela yibo abaveza ukungeneliseki ngo-Arthur Zwane, uMolefi Ntseki noCavin Johnson ngokulandelana.