
Kununuselwa iChiefs ngozakhele igama kwiStellies
Omunye wabadlali basemuva abahlonishwayo abake badlala kwiPSL kubikwa ukuthi uzimisele ngokubuya kodwa uma esezojoyina elinye lamaqembu amakhulu.
ILisenethini isithole ukuthi obengumdlali wasemuva weStellenbosch FC u-Ismaël Touré unesifiso sokubuya kuleli kanti iKaizer Chiefs isinikwe ithuba lokumsayina.
UTouré ushiye iStellies lapho ebengumdlali obalulekile khona ngaphambi kokuqala kwale sizini wajoyina iFC Baniyas yase-UAE.
Kodwa kubukeka sengathi inhliziyo yakhe yasala eNingizimu Afrika lapho ayefisa ukudlala kwidabhi yodumo yaseSoweto futhi manje lelo phupho lingase lifezeke.
Imithombo ithi i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs abake bakhombisa intshisekelo ngaye phambilini, banikwe ithuba lokumsayina.
“IChiefs sekukhulunyiwe nayo ngaye kodwa anginaso isiqiniseko sokuthi izingxoxo zikude kangakanani njengamanje,” kusho uMthombo.
“Ngicabanga ukuthi iqembu lakhe lamanje lizimisele ukulalela izicelo ngaye ngoba akakazinzi kahle futhi angase abuyele kuPSL maduze.”
Selokhu ashiya, noSihle Nduli odlala maphakathi nenkundla ojoyine i-Orlando Pirates, iStellies ithwele kanzima futhi iyavuza emuva, amagoli ayazingenela nje.
FUNDA NALA | UMcCarthy usejike ukucabanga ngeKenya
Kodwa nakuba iStellies ingeke icabange kabili ngokumamukela, uTouré kukholakala ukuthi ubeke inhliziyo yakhe kwesinye seziqhwaga zaseSoweto.
Omunye umthombo nokho uthe mancane amathuba okuthi iPirates imtahthe lo mdlali wasemuva odabuka e-Ivory Coast njengoba iqine kahle kule ndawo adlala kuyo.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
