EzintshaMamelodi Sundowns

ISundowns isiqhwakele – iyithume uphuthu iLupopo

Lezi zinkunzi zaseTshwane zikhombise ubungqwele bazo njengoba ziye kulo mdlalo zazi ukuthi ukunqoba kuphela okudingekayo.

Lokhu bekulandela ukuthi izimbangi zayo ezinkulu kuleli qoqo, iMC Alger kaRulani Mokwena zishaywe ngo 2-1 yi-Al Hilal ngoLwesihlanu ebusuku. 

Amaqembu amabili azoqeda phezulu eqoqweni ngalinye azodlulela esigabeni somkhumulajezi kulo mqhudelwano. 

Njengoba emdlalweni olandelayo izobe isekuhambeni la iyobhekana khona neMC Alger e-Algeria, iMamelodi Sundowns bekumele inqobe ekhaya. 

Nokho kuke kwabukeka izodlala ngethuba ngemuva kokuvumela iLupopo ibuyele emdlalweni ngesiwombe sokuqala. 

IMamelodi Sundowns beyilishaye zisuka nje igoli – lingene ngomzuzu  wesine lishaywa uNuno Santos kodwa iLupopo yashaya elokulinganisa sekubalwa amanenjana kuyiwe ekhefini.

Nokho esiwombeni sesibili ibe seyiwuqedela umsebenzi, iqinisekisa ukuthi iwaqoqa ephelele amaphuzu ngokwengeza amanye amagoli amabili. 

UMarcelo Allende – umdlali ongajwayele ukudla inethi – ushaye elesibili ngomzuzu ka-60, kwabe sekubuya uSantos ngomzuzu ka-76, washaya elesithathu.

Lo mphumela uthathe iSundowns wayibeka phezulu kuGroup C ngemuva kwemidlalo yokuqala kulesi sigaba.