
Ubike imbiba, wabika ibunzi oweSundowns egilwa yiGalaxy
Usale ekhala ngokuhleleka kwemidlalo – okuyinto ayaze kuqala isizini – umqeqeshi weMamelodi Sundowns ehlulwa yiTS Galaxy ngo 3-2.
IGalaxy iphazamise kakhulu izinhloso zeSundowns zokugcina isicoco seligi ihlandla lesishigalolunye kulandelana.
Lo mphumela ubeke i-Orlando Pirates ethubeni elihle lokuthi inqamule lokhu kubusa kweMamelodi Sundowns ngokuthi sidliwe yiyo lesi sicoco.
Uma ezika-Abdeslam Ouaddou zinqoba kwiDurban City ngoMgqibelo, zizobe sezingompetha.
Umqeqeshi weSundowns, uMiguel Cardoso ukhale ngokuthi wukuhlelwa kwemidlalo okubagqilazile.
“Sihlulwe yikhalenda,” kusho lo mqeqeshi ngemuva kwalo mdlalo obuseMbombela Stadium eNelspruit.
Nokho iGalaxy nayo kumele kuvele ukuthi ikusebenzele lokhu kunqoba njengoba ingayikhombisanga ukuyisaba iSundowns zisuka nje.
Kube yileli qembu elicijwa uBernard Parker elihambe phambili ngo 2-0 kungakapheli nemizuzu engu-20.
Kube amagoli oVictor Letsoalo okube yiphenathi, nelikaSedwyn George.
Kodwa kuyiwe ekhefini iMamelodi Sundowns seyilinganisile ngamagoli kaBryan Leon.
Nokho kubuye kwabhimba ekuqaleni kwesiwombe sesibili, iGalaxy ibuyela phambili ngegoli likaMpho Mvelase.
