
Kubhekwe isinqumo se-Orlando Pirates ngalaba badlali
Kulindeleke izinqumo ezinkulu kwi-Orlando Pirates ngokuthi izozigcina noma izikhulule ezinye zezihlabani zayo ezinkulu.
Idlanzana labadlali bayo kukholakala ukuthi selibheke ekupheleni kwezinkontileka zabo nekilabhu.
Omunye walabo ngumdlali wasesiswini onekhono elihle uKabelo Dlamini olizwa ngendaba ijezi kule sizini.
Lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala usedlale imidlalo eyisishiyagalolunye kuphela kwi-Orlando Pirates kuyo yonke imiqhudelwano kule sizini.
Imibiko ikhombisa ukuthi umdlali onekhono usalimele, kodwa noma engalulama ngaphambi kokuphela kwesizini lincane ithuba lokudlala.
“Ngisho kungabe ulimele, angase ayishiye i-Orlando Pirates ekupheleni kwesizini,” kucashunwe umthombo usho kanje kwiKickOff.
“Ngikholwa ukuthi useluxoxile lolo daba nemenenja yakhe.”
UDlamini ujoyine i-Orlando Pirates esuka kwiBloemfontein Celtic ngo-2018.
Usedlale imidlalo ecela ku-200 kulezi zinkunzi zaseSoweto.
Eminyakeni eyisishiyagalombili ekule kilabhu ushaye amagoli angu-21 futhi wakha angu-23.
Inkontileka yalo mdlali wasesiswini iphela ngoJuni kanti kumanje usekhululekile ukusayina eyesibambiso nanoma yiliphi elinye iqembu.
Iqembu elihamba phambili kokuvela ukuthi afuna uDlamini yiKaizer Chiefs eyizimbangi ezinkulu ze-Orlando Pirates.
Amakhosi avele akhombise ukubathakasela abadlali abadedelwa yilezi zimbangi zayo.
Asayinise abadlali ababili ebebekwiBucs ngaphambi kokuqala kwale sizini.
Ahlwithe uPaseka Mako noThabiso Monyane ngemuva kokuba benqabe izinkontileka ezintsha kumaBhakabhaka.
Omunye umdlali ikusasa lakhe kwiPirates elingaqinisekile umgadli uTshegofatso Mabasa obolekiswe kwiStellenbosch FC.
