
UJerry ubalula ingqwele eyenza i-Orlando Pirates ingabambeki
Uma i-Orlando Pirates igcina iqede isomiso seminyaka engu-14 sesicoco seligi, umthelela kaRelebohile Mofokeng uyohlezi ukhunjulwa.
Izincwadi zomlando ziyokhomba ukuvuseleleka kukaMofokeng ekuqaleni kuka-2026 njengento eyaba nesandla ekunqobeni kwePirates iBetway Premiership.
Le nsizwa eneminyaka engu-21 ubudala, isijike izinto ngemuva kokubonakala elahlekelwe umgqigqo ngemuva kokulimala.
Manje usengomunye wabadlali abasefomini enhle, nabanomthelela obonakalayo emaqenjini abo kwiBetway Premiership.
UBUNGWELE BAKHE
UMofokeng ungumdlali wokuqala kule sizini ka-2025/26 ukuwina imiklomelo emithathu ilandelana yoMdlali oVelele emdlalweni.
Lokhu kukhomba umgqigqo ingwazi yekilabhu uJerry Sikhosana ebinokwesaba ukuthi iqembu alinawo.
IZINOMBOLO AZIWAQAMBI AMANGA
Izibalo sikaMofokeng kule sizini zinhle kakhulu yize eke wanesikhathi engadlali ngenxa yokulimala.
Nokho kusukela ebuyile, usevuseleleke kakhulu futhi wenza kahle kakhulu.
- Amagoli emidlalweni yeligi: Mathathu wonke uwashaye ezinsukwini eziyi-15 ezidlule.
- Awakhile: Mane.
- Ubuhlakani: Wakhele iqembu amathuba angu-38 kule sizini.
- Ukusebenza okuhle: Ushaye amaphasi amahle ngo-77% uma behlasela ngesikhathi bebhaxabula iMarumo Gallants.
UMDLALI WEMIDLALO EMIKHULU
Ukuncoma kukaSikhosana uMofokeng “njengomholi obalulekile uma kuhlaselwa” kwesekelwe wukudlala kahle kwakhe uma kuyiwa phambili.
Kusukela efika eqenjini, lo mdlali wasesiswini usezakhele igama ngokuba nomthelela emidlalweni yamanqamu:
- 2024 Nedbank Cup: Washaya igoli umdlalo usuphela benquma iSundowns eMbombela.
- 2025 MTN8: Washaya elinye lamagoli umdlalo ususesikhathi esengeziwe behlula iStellenbosch FC.
- 2025 Carling Knockout: Ushaye igoli okuyilo abanqobe ngalo kowamanqamu bebhekene neMarumo Gallants.
“Uyawazi umthwalo wokuba umholi, lokho angikusho ngenxa yezibalo zakhe, kodwa ngendlela aphakama ngayo emidlalweni emikhulu,” kuphawula uSikhosana.
“Kodwa ukunqoba iligi ngeke kuncike kuye eyedwa; kudinga umgqogqo eqenjini lilonke.”
UMDLALO OMKHULU
Ukubuyela efomini kukaRele Mofokeng kufike ngesikhathi esihle impela kwi-Orlando Pirates la imdinga khona.
NgoLwesithathu ngo-7 ebusuku iPirates izokwamukela iMamelodi Sundowns emdlalweni weligi eFNB Stadium.
Kungaphezu kwamaphuzu amathathu okuzobe kubangwa yilamaqembu kulo mdlalo futhi womabili kuzowagqilaza ukuhlulwa:
- Uma kunqoba iPirates: Izokwelula igebe ezihola ngalo phambili libe ngelamaphuzu ayisishiyagalolunye (yize iDowns izobe isenomdlalo ewugodlile).
- Ukunqoba kweSundowns: Izonciphisa igebe libe ngelamaphuzu amathathu ekubeni izobe isenomdlalo ewugodlile.
Ukwengezwa kwabadlali abafana noDaniel Msendami noTsepang Moremi kwengeze ukujula eqenjini lePirates.
Kodwa uRele Mofokeng namanje usangukhiye owenza i-Orlando Pirates ikwazi ukugqezeka noma yiluphi udonga kwiPSL.
FUNDA NALA | UWilliams uveza imfihlo ngokuvuka kweDowns
Njengoba sekusondele iNdebe yoMhlaba nje, “uMengameli wama-2K’s” udlala sengathi ufuna ukuba ngowokuqala ohliwni lukaHugo Broos.
