
Kwenzekani ngoRadiopane kwiPirates? UMakaab uyacacisa
Imenenja kaBoitumelo Radiopane, uMike Makaab usephawule ngokuqagela okukhulayo ngekusasa lalo mgadli kwi-Orlando Pirates.
UBoitumelo Radiopane uqale isizini kunguye umgadli oqala imidlalo ngaphansi komqeqeshi omusha u-Abdeslam Ouaddou.
Kodwa ngokuhamba kwesikhathi lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala uzithole esephumile eqenjini eliqala imidlalo.
Akakaze abonakale eqenjini losuku lomdlalo emasontweni ambalwa edlule futhi ugcine ukubonakala kumaBhakabhaka mgpo-Agasti 16 Agasti.
Ngaleli langa iPirates yayibhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni womlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu kwiMTN8 e-Orlando Stadium.
Ukuqhubeka kokungabonakali kwakhe eqenjini kuholele ekutheni kuqubuke amahlebezi okuthi angase abolekiswe ngewindi lokudayiselana ngabadlali ngoJanuwari.
Nokho uMakaab uzichithile lezo zinsolo, waqinisekisa ukuthi uBoitumelo Radiopane useyingxenye yezinhlelo zeqembu.
“UBoitumelo Radiopane, ngeshwa, uthole ukulimala emasontweni ambalwa edlule,” kusho uMakaab kwabeFARPost.
“Usanda kuqeda uhlelo lokuhlunyeleliswa ngemuva kokwelashwa kwakhe futhi wajoyina iqembu ukuze aziqeqeshe ngokugcwele.”
Ugcizelele ukuthi ukungadlali kwalo mgadli osemncane akukhona ngoba eqiwa yijezi, kodwa kungenxa yokulimala.
“Kudingeka uqonde ukuthi iPirates izoba nesizini ende futhi ibe nemidlalo eminingi, ngakho-ke ukulimala okumenze wangadlali.
“Azikho izingxoxo ezikhona ngekusasa lakhe njengamanje. Futhi njengoba bengishilo, ubelimele.
“Usezinhlelweni zeqembu, futhi ngokuqinisekile uzolwela indawo yakhe eqenjini eliqala imidlalo.”
Njengoba esebuyile, uRadiopane uzobanga ijezi noYanela Mbuthuma okunguye oqala imidlalo muva nje, no-Evidence Makgopa.
FUNDA NALA | I-PSL isikhiphe imininingwane yamathikithi eCarling KO
Ngaphezu kwalaba bobabili, kusekhona koTshegofatso Mabasa noSinoxolo Kwayiba nabo abasabheke ukungena eqenjini lika-Abdeslam Ouaddou.
URadiopane uphuma enkulisa yePirates kanti phambilini uchithe amasizini amabili ebolekiswe kwiCape Town Spurs.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
