
UBooth weluleka iSundowns ngendlela yokugoba iDortmund
IMamelodi Sundowns ihlezi phezulu kuGroup F kwiFifa Club World Cup. Kodwa isivivinyo sayo esikhulu yikhathi siseza.
NgoMgqibelo, amaBrazilians azobhekana neBorussia Dortmund. Lona ngumdlalo onzima kakhulu kuleli qoqo elibophele amaqembu anzima wodwa.
Owayengumdlali wasemuva weMamelodi Sundowns uMatthew Booth ukholwa ukuthi ukuwakhipha wonke amangwevu kuphela okungasiza leli qembu kulo mdlalo.
“Ukumelana nezimo ezihlukene kuzoba wukhiye,” usho kanje ekhuluma nabeShowmax.
“Umdlalo ngamunye udinga umqondo ohlukile nendlela ehlukile yokubhekana nawo.”
IMamelodi Sundowns ishaye i-Ulsan HD ngo 1-0 emdlalweni wayo wokuqala. Manje, izobhekana neDortmund neFluminense kwelandelayo.
UMathew Booth uthi ukuhlaziya kwangaphambi komdlalo kuzobaluleka kakhuu kwiMamelodi Sundowns.
“Iningi labadlali abazobhekana ngqo bazobe beqala. Ngakho-ke abasemuva badinga ukukulungela ngokomqondo nangokomzimba,” kuchaza yena.
Uphinde wagqamisa ukubaluleka nokushintshana kahle kwabadlali basemuva kwiSundowns.
“Ungalindela ukuthi iKhuliso Mudau noThapelo Morena baphinde bashintshane (emuva kwesokudla).
“Kodwa abadlali basemuva nasesiswini bamaphakathi nenkundla kufanele bengashintshwa.”
UBooth ukholwa ukuthi ukuxhumana nokubumbisana kubalulekile emidlalweni enengcindezi ephezulu njengalona.
“Ubumbano nokulekelelana emuva kubalulekile ngakho kumele behlezi bekhuluma njalo.
“Kuyasiza ukuze nikwazi ukubhekana nezimo ngokushesha phakathi nemidlalo.”
Uncome ukwakheka okuqinile kweMamelodi Sundowns namava ewakhombise emdlalweni wokuqala.
“Sebedlale ngaphansi cishe kwazo zonke izimo. Lokho kuqondana nokwaana kubalulekile eqenjini,” kuqhuba le ngwazi yeBafana Bafana.
UBooth uthi ukudlala kahle kweSundowns kulo mqhudelwano kungashintsha imibono yomhlaba wonke ngebhola lase-Afrika.
“ISundowns ingashintsha lo mqondo wokuthi kudlalelwa ubumnandi kuphela…
“Abadlali bayo basemuva banakho kokubili ikhono lokujika nokuvala kahle emuva.”
📅 Imidlalo yeSundowns kuGroup F
✅ Ulsan HD 0-1 Sundowns
🆚 Dortmund – NgoMgqibelo ngo-6 ntambama
🆚 Fluminense – NgoLwesithathu lukaJuni 25 ngo-9 ebusuku
📱 Nagbe ufuna ukubuka imidlalo yePremier League neClub World Cup kumakhalekhukhwini wakho?
Bhalisela i-Showmax Premier League Mobile – iwu-R99 kuphela ngenyanga.
Vakashela ku: www.showmax.com ukuze ubhalise.
