
Kwenzakalani ngo-Andile Jali? UMakaab uyacacisa
Njengoba isizini ka-2024/25 isisondela ekupheleni, sekunamahlebezi ngekusasa lika-Andile Jali.
Inkontileka yalo mdlali osemnkantshubomvu neChippa United iyaphela uma kusongwa le sizini.
Kodwa iqembu linombandela wokuyelula. Nokho, izimpawu zikhomba ukuthi ngeke yelulwe.
U-Andile Jali, osanda kuhlanganisa iminyaka engu-35 edla anhlamvana, ulizwa ngendaba ijezi kulo nyaka.
Usadlale imidlalo emithathu kuphela kulo nyaka. Udlale engu-10 phakathi kukaSepthemba noDisemba nyakenye.
Uma kubhekwa amava nekhono lakhe, ukweqiwa yijezi kuka-Andile Jali sekuqubule ukuqagela ngezinkinga zokungaziphathi kahle.
Imenenja yakhe, uMike Makaab, nokho ikuqinisekisile ukuthi izingxoxo ezibalulekile ngekusasa lakhe zizoba semasontweni ambalwa ezayo.
“Uyaziqeqeshwa neqembu. Azikho izinkinga zokungaziphathi kahle ezikhona,” kusho uMakaab kwiSoccerLaduma.
“Iqembu lenza kahle, ngakho asikho isizathu sokukhononda. Sithemba ukuthi uzolithola ithuba, kodwa kufanele silinde sibone.”
UMakaab uphinde wavuma ukuthi kungenzeka ukuthi lo mdlali wasesiswini owazakhela igama kwi-Orlando Pirates awagaje emgibeni amakhokho.
“Kunemibuzo ebalulekile okufanele siyiphendule. Ngabe inhliziyo yakhe isekhona ebholeni?
“Ngabe usafuna ukudlala? Noma usefuna ukugxila emabhizinisini akhe? Leyo yingxoxo enkulu esizoba nayo maduze,” kwengeza uMakaab.
Ngonyaka odlule, kuke kwavela ukuthi u-Andile Jali uthatha umhlalaphansi ngemuva kokuhlukana neSwallows.
Kodwa umangaze abaningi, futhi wajabulisa abalandeli bakhe esevumbuka kwiChippa United.
Yize enamava nekhono lobuholi enkundleni, lo mdlali wasesiswini ulizwa ngendaba ijezi muva nje okuyinto engeyinhle uma ubheka iminyaka yakhe.
Njengoba neminyaka ihamba la masizini amabili edlule angabanga mahle kuJali kungenzeka abe yisiphetho somsebenzi wakhe oncomekayo ebholeni elikhokhelayo.
Abalandeli manje balindele ukuzwa ukuthi kuzokwenzakalani — ngabe lesi sihlabani sangaphambili seBafana Bafana sizowagaja emgibeni ngampela amakhokho noma sizoqhubeka nebhola?
Lo mbuzo, njengokusho kukaMakaab, usuzophenduleka ngokuhamba kwesikhathi.
