
Ikusasa likaMabasa kwiBucs alicaci, iChiefs ‘igebhile’
IKaizer Chiefs kuthiwa iconsa amathe uma icabanga ukuthola isibabuli somgadli we-Orlando Pirates uTshegofatso Mabasa mahhala ngoJuni.
Leli qembu leNaturalena selivele linabadlali ababili abasuka kwiPirates emabhukwini alo okungabadlali basemuva uThabiso Monyane noPaseka Mako.
Laba bobabili bajoyine iChiefs ekuqaleni kwale sizini. Manje kubukeka sengathi uTshego Mabasa naye uzobajoyina kwiKaizer Chiefs maduze.
Nokho ngokwamahlebezi Amakhosi kuzomele azibambe ziqine njengoba kungathi azombanga nezikhondlakhondla zase-Afrika i-Al Ahly neSiwelele FC.
Inkontileka kaMabasa kwiPirates kukholakala ukuthi izophela ngoJuni wonyaka ozayo kanti akucaci noma leli qembu seliyivuselele yini.
Kodwa izinkomba zithi uzodedelwa, futhi kubukeka sengathi iqembu selivele liqalile lilungiselela ukuqhubeka ngaphandle kwakhe.
Usenesikhathi engadlali njengoba kungu-Evidence Makgopa noYanela Mbuthuma abebehola ukuhlasela kweqembu emidlalweni embalwa ngaphambi kwekhefu likaKhisimusi.
Kukhona noBoitumelo Radiopane oqale isizini kunguye umgadli ophambili kodwa walimala. Manje useluleme futhi usebuyele eqenjini.
Futhi njengoba uSifiso Luthuli naye eseqalile ukuhlaba umxhwele ngeminyakazo yakhe esheshayo phambili, kubukeka sengathi uMabasa usehlehle kakhulu ohlwini lwabaqala imidlalo.
FUNDA NALA | UCardoso ubona iDowns isangayidla iligi
Uma kuwukuthi inkontileka akuyo iyaphela ngampela ngoJuni, uMabasa uzobe esevumelekile ukuxoxisana nokusayina nelinye iqembu ngoJanuwari.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
