
Kwale inhlanhla iPirates iwasha ijezi kwiChampions League
Kubhimbile. Mhlawumbe yiyona indlela engcono le yokuchaza okwenzeke kwiphupho leNingizimu Afrika ngomdlalo wamanqamu weCaf Champions League.
Yize kuzoba neqembu lakuleli kulo mdlalo, kodwa ukuthi kube awakuleli womabili ngeke kwenzeke.
Lokhu kungenxa yokuthi i-Orlando Pirates ihlulekile ukungena kowamanqamu, iwashiswa ijezi yiPyramids FC kweyandulela owamanqamu.
Nokho akumele iPirates izenyeze ngoba ihluleke izamile, ihlulwa ngo 3-2 e-20 June Stadium ngoLwesihlanu ebusuku.
Mhlawumbe kwale inhlanhla kwiPirates njengoba kuke kwabukeka izongena kowamanqamu, kodwa iPyramids yayichilizela ngaphandle qede yavala umnyango.
IPirates ihambe phambili kabili kulo mdlalo. Iqale yabekwa phambili uRelebohile Mofokeng, kodwa yalinganisa iPyramids.
UMohau Nkota naye uphinde wayibeka phambili, kodwa uFiston Mayele wayibuyisela emdlalweni iPyramids.
UMayele uphinde washayela isipikili sokugcina, washaya igoli lakhe lesibili, nelenze kwaba u 3-2, kwaphela kanjalo ngePirates.
IPyramids seyizobhekana neMamelodi Sundowns kowamanqamu kulandela ukuthi ikhiphe izinkunzi zalo mqhudelwano i-Al Ahly ngawo uLwesihlanu.
