Bafana BafanaEzintsha

ULyle Foster usekulungele ukuzibonakalisa kwiPremier League

Njengamanje lo mgadli nozakwabo basekhempini yokulungiselela isizini entahs ePortugal.

ULyle Foster sekusobala ukuthi ungumdlali obalulekile ezinhlelweni zomqeqeshi uScott Parker zomkhankaso ozayo.

IBurnley izoqala ngemidlalo enzima njengoba izobhekana neTottenham Hotspur, iManchester United, iLiverpool, neManchester City. 

Kodwa uLyle Foster akumkhathazi lokho. Ekhuluma esePortugal, lo mgadli weBafana Bafana utshele isizindalwazi seBurnley ukuthi sebelungile. 

“Sibhekana nosuku ngalunye, isonto nesonto, kodwa-ke sonke sikubheke ngabomvu ukubuyela enkundleni. 

“Into ebaluleke kakhulu ukuthi sesilungile – futhi sonke sibheke ngabomvu le nyanga yokugcina ngaphambi kokuya wkiTottenham ngosuku lokuqala iligi.”

Umdlalo wokuqala weBurnley ungo-Agasti 16 lapho izobhekena khona neTottenham, futhi kufanele kube umdlalo onzima nongase uveze ukuthi babhekephi. 

“Sisebenza kanzima, kunzima kakhulu… kodwa kuhle ukujuluka uzilungiselele ukuqala kwesizini. 

“Kuhlezi kuyisikhathi esinzima, kodwa konke esikwenzayo kusukela safiak lapha ePortugal kwenzelwe ukuba siqine kahle.”

UFoster ube eseveza izimo athi ziyinselelo kakhulu: “Ukushisa kubi lapha, kodwa kwengeza ukuqina. 

“Kuyashisa, uyajuluka, uyahefuzela, kodwa siyazi ukuthi lokhu kumayelana nokuzilungiselela okuphelele. 

“Siphuza amanzi abandayo amaningi ngezikhathi ezifanele, ngakho sikuhlomele kahle ukubhekana nokushisa. 

“Yilokho okudingekayo ukusibeka ezingeni elihle uma sesibuyela e-England ngesonto elizayo.

“Sekuphele amasonto ambalwa silapha. Sinesisekelo esihle futhi sisendaweni lapho sesiqala khona ukufinyelela ezingeni elifanele ngokomsebenzi wethu,” kwengeza yena.

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO