EzintshaKaizer Chiefs

URushin Dortley weChiefs ubhoboka ngobuhlungu bokulimala

Bekuwukulimala kokuqala okubi obekudinga ukuhlinzwa kulo mdlali wasemuva, futhi bekunzima kakhulu kuye. 

Njengoba uRushwin Dortley elimale ngoMashi futhi wangadlala kwaze kwaphela isizini, iKaizer Chiefs ishayeke kakhulu emuva. 

Ulimala nje ubebonakala eza kahle kakhuli njengoba ebenza kahle kwiChiefs naseqenjini lesizwe iBafana Bafana. 

Lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala ubedlale yonke imidlalo yeBafana yokuhlungela i-Afcon ka-2025.

Futhi ubengakaze aphuthelwe nowowoodwa umdlali eqenjini lesizwe selokhu aqala ukubonakala ngoSepthemba nyakenye.

Ngesikhathi uRushwin Dortley engekho, iKaizer Chiefs iphendukele kuGiven Msimango, obedlala no-Inacio Miguel emuva. 

Nokho uMsimango naye ulimale inyonga kanti naye kumanje usasohlelweni lokwelulama.

Nokho uDortley yena manje usesemaphethelweni okwelashwa kwakhe futhi akusekude abuyele enkundleni.

“Ngashayeka eceleni,” kukhumbula uDortley ngendlela alimala ngayo. 

“Lokhu ukulimala kwami kokuqala okubi obekudinga ukuhlinzwa.”

Uthi ukudlula ekulimaleni akudingi usizo lwezempilo nje kuphela, kodwa kdinga uqine nangokwengqondo. 

“Umuntu kufanele aqine ngokwengqondo… Usuke ufuna ukudlala, usize iqembu kodwa ungakwazi,” kwengeza yena. 

“Akulula, kodwa ngiyazi ukuthi sekuyalunga futhi akusekude ngelulame ngokugcwele.”

Ukwesekwa ngumndeni wakhe nozakwabo bekubalulekile njengoba futhi kumsizile njengoba esesondele ekubuyeleni enkundleni.

“Nginokwesekwa okukhulu okuvela emndenini wami,” kusho lesi sitobha esiyinxele.

“Intombi yami, ubaba, umama, umfowethu, nozakwethu… Bonke badlale indima enkulu endleleni yami ebheke ekululameni ngokugcwele.

“Iqembu linjalo. Uma kunomdlali olimele, sonke siyazwela uma kulimele umdlali. Simunye ngaleyo ndlela!”

Umqeqeshi weKaizer Chiefs uzothemba ukuthi uRushwin Dortley uzobe eseluleme ngokugcwele uma iqembu liqala isizini entsha emasontweni amathathu. 

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO