EzintshaOrlando Pirates

Kuvela ezingezinhle ngoBandile Shangu kwi-Orlando Pirates

Njengoba inkontileka yakhe izophela ngoJuni, lo mdlali oneminyaka engu-31 ubudala odlala kwesokudla useqalile ukubheka elinye iqembu.

Naphezu kwempumelelo abe nayo efika kumaBhakabhaka, uShandu uzithole engasekho eqenjini ngaphansi komqeqeshi omusha u-Abdeslam Ouaddou.

Ngokusho kwemenenja yakhe, uMike Makaab weProSport International, uveze ukuthi abakavumelani ngalutho nePirates. 

Yize bengakawuvali umnyango obuyela kwiPirates, ukungacacisi kwayo sekuphoqe ukuthi babheke engxenye.

“Besikhuluma nePirates ngendlela ezizwa ngayo kodwa manje sekumele sibheke emakethe, sesiqalile ukukwenza lokho,” kusho uMakaab kwiSoccer Laduma

“Njengamanje sesiqalile ukumbhekela ikilabhu entsha, kodwa asikakayivali nya eyePirates.”

Ukungalitholi ithuba lokudlala kukaBandile Shandu kubangelwe wumbango oshubile kule ndawo adlala kuyo kwi-Orlando Pirates. 

Akakaze adlale kumaBhakabhaka ngo-2026 futhi usadlale imidlalo emine kuphela kuyo yonke imiqhudelwano kule sizini.

  • Abanga nabo indawo: Ukufika kukaKamogelo Sebelebele kwenyuse umbango emuva kwesokudla.
    Ibivele inoDeano van Rooyen noThabiso Lebitso osekubeke uShandu endaweni yesine.
  • Umthelela wokulimala: UShandu uphazanmiseke kakhulu ngenxa yokulimala okwenze engabi khona kulungiselelwa le sizini. 

Uma kubhekwa ikhono lakhe, uShandu akufanele akuthi ashode ngeqembu uma iPirates igcina ngokumdedela. 

Sekuvele kunamahlebezi ngamaqembu aseqalile ukucijisa izindlebe ukuzwa ukuthi kwenzakalani ngaye.

  • IRichards Bay: INatal Rich Boyz ihlezi isemakethe yokuthola abadlali abanamava ukuze ibe ngcono.
  • IStellenbosch: UGavin Hunt uyaziwa ukuthi uyawuthanda umsebenzi kaShandu.
  • IDurban City: Ukubuyela eqenjini akhulele kulo – lisabizwa ngeMaritzburg United – yinto osekuke kwakhulunywa ngayo.

Njengoba sekusele izinyanga ezingaphansi kwezine kwinkontileka yakhe ne-Orlando Pirates, uBandile Shandu uvumelekile ukusayina inkontileka nelinye iqembu. 

Uma iPirates ingasithathi isinyathelo ngaphambi kokuphela kukaFebhuwari, cishe izolahlekelwa yilo mdlali mahhala ngoJulayi.