
UMaduka akayifiseli nomthakathi emehlele kwiRoyal AM
Umqeqeshi omusha weMagesi FC, uJohn Maduka, usevule isifuba ngokuhlukumezeka abhekane nakho ezinyangeni zakhe zokugcina kwi-Royal AM.
Uchaze isikhathi sakhe kwi-Royal AM njengesinye sezahluko ezibuhlungu kakhulu emsebenzini wakhe wokuqeqesha.
“Ngeke ngikufisele ngisho isitha sami esikhulu okwenzekile,” kusho uMaduka ngemuva kokwethulwa kwiMagesi.
Isiphithiphithi siqale ngesikhathi i-Royal AM idliwa yinkampani eqoqa intela kuleli ngoba ifuna ukuthola imali eyikweletwa umengameli wayo uShawn Mkhize.
Ngenxa yalokhu, ikilabhu igcine ingakwazi ukuqhubea nemidlalo yayo kwiBetway Premiership.
Igcine ingadlalanga nowodwa umdlalo engxenyeni yesibili yesizini.
Ngokuhamba kwesikhathi iPSL yabe seyilinquma leli qembu, yanqamula ubulungu be-Royal AM ngokwehluleka ukudlala imidlalo engu-19.
Iligi iphele inamaqembu angu-15 kuphela, wonke agcine edlale imidlalo engu-28 kuphela. UMaduka wasala edidekile.
“Besisaziqeqesha nsukuzonke. Besingazi ukuthi kuzokwenzekani,” kuqhube yena.
“Bekunzima — ngokwengqondo nangayo yonke indlela ongayicabanga.”
Yize bekunzima, ubeqhubeka nsuku zonke, ezama ukugcina iqembu lilungile futhi likhuthazekile.
“Bengitshela abafana ukuthi, ‘Asisebenze kanzima ejimini. Singase sidlale ngesonto elizayo.’ Kodwa akuzange kwenzeke.”
Ukungaqondakali kokwenzekayo, nezethembiso ezingekho zabaphathi beziwumthalo onzima kuMaduka nabadlali.
“Uya emsebenzini, kodwa awazi ukuthi kuzoba khona yini umdlalo. Awazi ukuthi ikusasa liza nani. Bekusinda enhliziyweni.”
Phezu kwalezi zinxushunxushu, uMaduka uthi ikhefu limnike isikhathi sokuphumula aphinde aqale kabusha ngaphambi kokuthatha umsebenzi weMagesi.
“Bekuyisikhathi sokuzihlola. Ngizamile ukugcina abadlali bekhuthazekile, kodwa indumalo ubuyibona emehlweni abo nsukuzonke.
“Bebefaka wonke amandla ekuziqeqesheni — kodwa abatholanga lutho ngalokho.”
Manje njengoba esekwiMagesi nje, uMaduka usekulungele ukuqala kabusha.
Kodwa yize kunjalo, ubuhlungu abhekane nabo kwi-Royal AM usekude ukubukhohlwa.
“Bekungesona isikhathi esihle neze,” kuvuma lomqeqeshi idabuka eMalawi. “Bekukubi ngempela.”
