
Kuthiwa ‘ihlabene’ iPirates kumdlali osemncane
Usechazwe njengegolide eleisadinga ukupholishwa kahle ukuze likhazimule umdlali osemncane osayinywe yi-Orlando Pirates.
Ngokusho kwesikhulu seqembu la iPirates imvundulule khona uDimpho Madalane, uzogcina engomunye wabadlali abamqoka kwiBucs.
Lesi sikhulu se-eMalahleni United, uMandla Bodibe, lo mfanyana oneminyaka engu-19 muhle ekuvaleni emuva, nasekunyukeni eyosiza uma kuhlaselwa.
IPirates imsayine ngemuva kokumbona kwi-eMalahleni United kwiPirates Cup ngonyaka odlule kanti ibimbanga namanye amaqembu.
“Ungumdlali omuhle kakhulu. Samthola eMiddelburg ngonyaka odlule saya naye kwiPirtaes Cup,” kusho uBodibe kwiKickOff.
“Wadlala kahle kulo mqhudelwano. Bekunamaqembu ambalwa amfunayo okukhona kuwo neTS Galaxy. Kodwa iPirates iyona ebimfuna kakhulu.”
UBodibe uqhube wathi uKhalabemgeza, okuyigama aziwa ngalo lo mfanyana ebholeni, uzogcine engumdlali obalulekile kwiBucs.
“Muhle kakhulu kukho kokubili ukuvala emuva nokuhlasela. Ungumfana ozikhandlayo kwakwenzayo futhi oziphethe kahle.
“IPirates inomlando wokwakha abadlali abebengaziwa bagcine beyizihlabani. Useqenjini elifanele.
“Kuzoba yinto enhle ukumbona ekhula eba ngumdlali omkhulu esuka ezigabeni ezincane,” kuchaza uBodibe.
UKhalabemgeza ubengomunye wabadlali abebehambe nePirates kwikhempu yayo yaseSpain futhi banikwa nethuba lokuziveza emidlalweni yobungani.
Manje sekusele ukubona ukuthi ukwazile yini ukuzifaka eqenjini eliqala imidlalo kwiPirates eholwa uJose Riveiro.
Lo mqeqeshi ukhombise ukubathemba abadlali abasebancane njengoba emnikile uRelebohile Mofokeng ithuba ngesizini edlule.
OLUNYE UDABA: UKhama Billiat ‘ovutha engabaselwe’ ubangwa elePSL nelaseTanzania
UMadalane uzobanga indawo yokudlala nokaputeni u-Innocent Maela, uPaseka Mako noDeon Hotto kwiPirates.
