
IPirates izoqinisa ngomgadli osemncane, idedele asebekhulile
Ngemuva kokusayina uYanela Mbuthuma, umdagli obekwiRichards Bay, i-Orlando Pirates manje isibheke ukunyusa umgadli osemncane ukuqinisa phambili.
Sekuvele ukuthi i-Orlando Pirates ilungiselela ukukhuphula umgadli oneminyaka engu-24 ubudala uSifiso Luthuli.
Lo mgadli uzosuka eqenjini eliyinkulisa yePirates elidlala kwi-ABC Motsepe League eGauteng, iPele Pele FC.
ULuthuli useable useqalile ukuzilolonga neqembu elikhulu ngaphambi kohambo lwalo lokuyolungiselela isizini eSpain.
“Ubeyingxenye yenkulisa yqembu, wabe esebolekwa kwiPretoria Callies.
“Ube esedlulela kwiPele Pele, kanti manje usebuyile eqenjini futhi ubonwa esekulungele ukukhuphukela kulo,” kucashunwe umthombo usho kanje kwiSoccer Laduma.
Kuthiwa i-Orlando Pirates ikholwa ukuthi uLuthuli angakwazi ukwengeza ukuncintisana phambili ngemuva kokuthola ulwazi olubalulekile emazigabeni aphansi.
Khonamanjalo, kusalindeleke izinguquko ezinqala kubagadli kuleli qembu laseSoweto.
Omunye umthombo ucashunwe uveza ukuthi abanye abadlali bazohamba ngaphambi kokuthi iqembu liye ekhempini eSpain.
“Umqeqeshi usahlola isikwati sonke anaso. Kodwa yebo, kulindeleke ukuthi kube khona abahambayo — ikakhulukazi kubagadli,” kusho umthombo.
Njengamanje, iPirates inoMbuthuma, u-Evidence Makgopa, uZakhele Lepasa, uTshegofatso Mabasa, noBoitumelo Radiopane phambili.
ULuthuli uzodinga ukuziveza ukuthi usekufanele ukwengezwa eqenjini elikhulu njengoba ezicija nalo nje ukuze azibekisele indawo yesizini ezayo.
Imibiko yangaphambilini ibike yaveza ukuthi uLepasa kungenzeka kube nguye odedelwayo ukuvula isikhala.
Izimbangi ezinkulu zePirates, iKaizer Chiefs kubikwe ukuthi zisiqaphe ngelokhozi lesi simo ngenhloso yokugxuma zimsayine uma kwenzeka ededelwa.
Kuphinde kwaba nemibiko yokuthi kukhona amaqembu ase-Europe athanda uMabasa, uma kwenzeka umnyakazo kuyena uLepasa uzohlala.
IPirates isivele yengeze abadlali abayisishiyagalolunye abasha, kodwa isakhiphe abane kuphela kuze kube manje.
Kodwa abanye kulindeleke ukuthi badedelwe ukuze umqeqeshi asale nesibalo esifanele nazokwazi ukusebenza ngaso ngesizini ezayo.
