AmaZuluEzintsha

AmaZulu aseqalile ukuvuselela iqembu ngaphansi kukaZwane

Umqeqeshi u-Arthur Zwane nguye owengamele ukulungiswa kabusha kweqembu elikhulu njengoba ezoqala isizini yakhe yesibili noSuthu. 

UZwane uhole AmaZulu wawafaka endaweni yesihlanu – okuyindawo ehlniphekile – ngesizini edlule. 

Ziningi ke izinguquko ezikhona eqenjini. UTshepang Moremi udayiselwe i-Orlando Pirates. 

Abadlali abangu-13 bakhululiwe, okuhlanganisa kubo nobekungalindelekile ukuhamba kwabo njengo-Ethan Brooks noRowan Human. 

Kudedelwe nezingwevu zeqembu oRamahlwe Mphahlele, Thembela Sikhakhane noVeli Mothwa.

Abebebolekiwe, uSifiso Ngobeni no-Etiosa Ighodaro, bona babuyiselwe eqenjini labo iMamelodi Sundowns.

Kwabasanda kufika kubalwa umgadli uRyan Moon (obekwiGolden Arrows), unozinti uDarren Johnson (obekwiChippa United), nomdlali wasemuva uKeegan Allan (obekwiRichards Bay).

Bobathathu laba bajoyine mahhala. UThapelo Matlhoko osemncane kodwa othembisayo yena ujoyine esuka kwiKruger United.

Bekukhona noKeagile Malepe obezojoyina esuka kwiPretoria Callies, kodwa iPolokwane City yamvimba esesendleleni ebheke eThekwini, yamkhomba eLimpopo. 

Futhi naphezu kwenhloso ebikiwe yokufaka isikhalazo kweCape Town Spurs, uLiam Bern ubonakale eThekwini, ngokubika kwe-iDiski Times

Kukholakala ukuthi naye uzojoyina AmaZulu. ISpurs yehlele kwi-ABC Motsepe League okusho ukuthi izinkontileka zabadlali ziyaphela.

Kodwa le kilabhu isazama ukuthenga isitifiketi sokudlala kwi-PSL okuzothi uma iphumelela bese kusho ukuthi izinkontileka zisasebenza futhi igcine abadlali bayo.

Kodwa, ukubuyela kuMaZulu, baningi abadlali okulindeleke basayiniwe ukuqinisa isikwati ngaphambi kwesizini entsha.

Umgadli owazalelwa eNetherlands uSimon van Duivenboden (obekwiVitesse), uSibusiso Shibane (ophuma kwiKZN Academy obedlala e-Europe), noLiam de Kock (obekwiStellenbosch) bonke bazilolonga neqembu. 

Izingxoxo ziyaqhubeka. AmaZulu kulindeleke aphinde amukele umgadli waseZimbabwe uThando Ngwenya ovela kwiFC Platinum. 

Lo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala ugqame kwiCosafa Cup ka-2025, la eshaye khina amagoli amabili kuGroup A.

Ukwakhiwa kabusha kwaMaZulu kuyaqhubeka — kanti umnyango usavuliwe kubadlali abasha, mhalwumbe nabahambayo.