EzintshaOrlando Pirates

U-Ouaddou ‘uyakwazi’ okudingwa yi-Orlando Pirates kuye

“Angihlanyi. Ngazi kahle ukuthi ngizifaka kwini,” kusho yena kwiPirates TV.

Ubekhuluma okokuqala kusukela eqokelwe kulo msebenzi. “Lena akuyona nje ikilabhu. Kepha yisikhungo.”

U-Ouaddou ungena esikhundleni sikaJose Riveiro, oshiye ngemuva kwamasizini amathathu agcwele izindebe nokungena kathathu kulandelana kwiCaf Champions League. 

Manje, sekuyithuba lika-Ouaddou lokuqhubeka nalo msebenzi osusesigabeni sokuletha izindebe.

Le ngwazi yebhola laseMorocco isinalo ulwazi oluncane ngebhola laseNingizimu Afrika. 

Uthole ukunconywa ngokwenza kahle kwiMarumo Gallants ngesizini edlule la ewine khona imidlalo emihlanu, wadlala ngokulingana emine, wahlulwa kwemithathu kwengu-12.

Kwayinqobile kukhona nalo ashaya kuwo yona iPirates ng 2–0 okwakungumdlalo wakhe wokuqala ephethe kwiMarumo.

“Ngibe nesikhathi esihle kwiGallants. Abadlali bebebahle, abalandeli beleseka iqembi. 

“Kodwa kwiPirates? Ngikomunye umhlaba,” kuvuma yena, eveza ukuthi izinto zikwelinye izinga.

“Ubungcweti buphezulu, umbono, yisakhiwo — le kilabhu ingaphambili kakhulu.”

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-45 ubudala ufika nolwazi namava ebhola lamazwe ngamazwe. 

Uke waqeqesha kwi-AS Nancy, i-AS Vita, iLoto-Popo FC, iMouloudia d’Oujda, waphinde waba yiphini eqenjini lesizwe lase-Algeria. 

Ukwesula kwakhe kwi-AS Vita ngemuva komdlalo weCaf Confederation Cup eKapa kube yindaba esematheni.

Manje, konke lokho kusemva kwakhe. Manje usegxile ekuletheni imiphumela kwi-Orlando Pirates.

“IPirates iphambili kakhulu — indlela ehlonza ngayo abadlali, ebaphatha ngayo, futhi ihlele izinto zayo ngayo yinhle kakhulu. 

“Ibhodi lingihlole izigaba ezine noma ezinhlanu ngaphambi kokuthatha isinqumo. Abavele baqashe noma wubani nje,” kuqhuba yena.

“Manje sisonyakeni wesine wenqubo yeminyaka emihlanu. Sekuyisikhathi sokulethela abalandeli izindebe manje. Lokho yibona ngcindezi ekhona.”

I-Orlando Pirates izolibangisa eSpain la izozilungiselela khona isizini entsha futhi idlale nemidlalo yobungani emine phakathi kuka-11 no-19 Julayi.

Inkathi ka-Ouaddou isiqalile. Umgomo abekelwe wona ucacile: kumele alethe izindebe zisuka nje.

Nansi imidlalo ye-Orlando Pirates eqinisekisiwe yokuzizwa amandla ezoyidlala eSpain: 

  • 11 Julayi | v Bolton Wanderers
  • 13 Julayi | v Pafos FC
  • 17 July | v Las Palmas 
  • 19 Julayi | v Granada CF