EzintshaKaizer Chiefs

UKhama Billiat ‘ovutha engabaselwe’ ubangwa elePSL nelaseTanzania 

Lokhu kuvele emibikweni yabezindaba baseZimbabwe la uBilliat asedlala khona futhi abonakala ebuyela efomini khona.

ICity ibizimisele ngokusayina uBilliat ngesikhathi ededelwa yiChiefs ekupheleni kwesizini ka-2022/23, okuyinto nosihlalo weqembu uJohn Comitis ayiqinisekisa. 

“Ubani ongeke afune ukumbuyisa [uKhama]? Uma nje esakulungele ukudlala, ubani ongeke afune ukuba naye eqenjini lakhe?,” kusho uComitis ngaleso sikhathi.

Nokho, ngemuva kokubhuntsha kweminye imisebenzi ayethembele kuyo, uBilliat waqoka ukubuyela eZimbabwe wajoyina iYadah FC.

Usefike kuyo wabuyela kuleya fomu eyamenza waduma eNingizimu Afrika ikakhulukazi ngesikhathi esagijima kwiSundowns.

Manje imibiko ephuma eZimbabwe iveza ukuthi iCity ifuna ukubuyisela lo mdlali oneminyaka engu-33 kwiBetway Premiership.

Nokho, iCity imbanga neYoung Africans lo mdlali njengoba kuvela ukuthi nayo ayimnike thuba njengoba ifuna ayodlala eTanzania. 

UBilliat, owake wagijima kwi-Ajax Cape Town eNingizimu Afrika, njengamanje nguye ohamba phambili ngamagoli kwiCastle Lager League eZimbabwe.

Ubanga le ndondo noWilliam Manondo weCaps United osehlohle amagoli ayisishiyagalombili.