
Kusale iqembu elingcono, kusho u-Ouaddou iPirates iwasha ijezi
Ihluleke sekukumaphenathi i-Orlando Pirates, uYanela Mbuthuma egeja iphenathi okwenze kwaba iyasala esigabeni sokuhlunga.
Ihlulwe yiSt Eloi Lupopo ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi. Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi kade inqobe ngo 3-0 emdlalweni ukuze kuyiwe kumaphenathi.
Kulapho ke kufike kwayibhimbela khona seyithembile njengoba ivamise ukwenza kahle kumaphenathi.
Beyivele ingene enkundleni ibhekene nomqansa njengoba bekumele ikhave u 3-0 eshaywe ngawo eDR Congo ngempelasonto edlule.
Ikwazile ke ukuwuphendula lowo mphumela, ishaya amagoli amathathu – ashaywe ngoMasindi Nemtajela, uMbuthuma no-Oswin Appollis.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, umqeqeshi wePirates u-Abdeslam Ouaddou uthe uphelelwa amazwi kodwa wabonga abadlali ngokuzikhandla kwabo.
“Akubanga ngokwanele ngoba besikumaphenathi ekugcineni. Bawenzile umsebenzi, bekungelula ukushaya amagoli amatathu – sakwenza lokho.
“Baziphathe kahle kulo mdlalo – kumele ngibabongo ngokuzikhandla. Ngendlela esidlale ngayo bekumele sithole okungcono.
FUNDA NALA | Izinkakha zeDowns ziphawula ngempi kaWilliams noMothiba
“Iqembu ebelingcono alizange lidlulele phambili. Siyababongela. Thina sisenomsebenzi okumele siwenze ngoba kusenezinye izindebe esizozidlalela.
“Siyiqembu elikhulu ukuthi singabi bikho kwiChampions League,” kusho u-Ouaddou ngemuva komdlalo.
