
Usihlalo weSiwelele uqinisekisa izinguquko ezinqala
UCalvin Lee John, usihlalo weSiwelele FC, useqinisekise izinguquko ezenzekile kuleli qembu elidonsa kanzima kwiBetway Premiership.
Uqale wacacisa eyamahlebezi okuthi leli qembu lihamba ngebhasi uma liya emidlalweni, okwenza abadlali bafike emidlalweni bekhathele.
“Nginiphathele izindaba ezinhle nezimbi. Ekuqaleni izinhlelo zokuthenga iSuperSport United kwakunemibandela emibili esasibekelwe yona.
“Owokuqala owokuthi sigcine bonke abasebenzi beSuperSport United, owesibili ukuthi sihlale isizini eyodwa eGauteng.
“Lokho kusenza iqembu okufana nokuthi liyidlalela ekuhambeni yonke imidlalo yalo yasekhaya,” kuchaza uLee John.
Ngenxa yalokhu, uthi bazibekele umgomo wokuthi bazondiza kuphela uma umdlalo usebangeni elingaphezu kuka-600 wamakilomitha noma iminingi imidlalo kulelo sonto.
Ube eseveza ukuthi sebehlukane nesikhulu esiphezulu uStan Mathews, no-Andre Arendse obeyiphini lo mqeqeshi.
“Bebengangabantu abalunge kakhuli futhi okusebenzeka kahle nabo,” kuqhuba lesi sikhulu kwividiyo eshicilelwe yiqembu.
“Kodwa bekungene kwenzeke ngehliziyo emhlophe ukuthi ngiqhubeke nabo ekubeni izimpilo zemindeni yabo zibekeka engcupheni usuku nosuku.”
Akabange ke achaze ukuthi izimpilo zabo zisatshiswa ngobani futhi kanjani njengoba sekuze kwaphoqa ukuthi badedelwe nje.
UMathews bekunezinsolo zokuthi ubengaboni ngasolinye nomqeqeshi uLehlohonolo Seema, futhi bekungasasebenzeki kubo.
“Sizophinde sinqamule nezinkontileka zabadlali abathile abangakhombisi isifiso sokulwela leli qembu ngakho konke abanakho.”
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
ULerato Kgolonyane nguyena ozobamba isikhundla sokuba yisikhulu esiphezulu okwamanje.
ULee John umncome ngokuthi uyintokazi enamava amahle kwezokuphathwa kwamabhizinisi futhi usemaze futhi wasebenza naye isikhathi eside.
FUNDA NALA | IChiefs iyakwazi edinga ukukwenza ukungaphumi kwiConfed
“Ngifisa nokwethula iphini lomqeqeshi elisha, insizwa eyaziwa ngelikaWillem Jackson futhi oke wadlala kuleli qembu phambilini.
“Sizophinde sisayine abadlali abahlanu noma abayisithupha kulezi zinsuku ezimbili ezizayo ukuqinisa iqembu.”
