EzintshaOrlando Pirates

Ngabe i-Orlando Pirates isazosayina? U-Ouaddou uyaphendula

Ukusho lokhu nje amaqembu amakhulu – njengayo iPirates – abhekwe ngabomvu ukuthi ngabe bakhona yini abadlali azobasayina njengoba kuvalwa iwindi ngoMsombuluko. 

Lo somaqhinga wamaBhakabhaka, osanda kunqobisa iqembu indebe yeMTN8 yesine kulandelana, uthi yena wenelisekile ngabadlali anabo.

Kodwa ke ukuvumile nokuthi kungenzeka kube khona abadlali abengezwayo, kodwa lokho kuncike ngokuphelele kubaphathi. 

“Banomqondo omuhle kakhulu wokuzinikela, futhi bangabantu abahle kakhulu.

“Igumbi lokushintshela lingelinye langcono kakhulu esengake ngaba kuwo kusukela ngaba umqeqeshi,” kusho u-Ouaddou.

“Bangabadlali abafundisekile, futhi bawakhipha wonke amangwevu abo, banomqondo omuhle kakhulu. Kodwa kulele kubaphathi bami (ngokuqinisa iqembu). 

“Uma bekholwa ukuthi sidinga amandla engeziwe, yibo abazothatha leso sinqumo. Ngilapha ukuzoqeqesha abadlali enginabo, futhi okwamanje, ngijabule kakhulu ngabo.”

I-Orlando Pirates isesimweni esihle, futhi isidlale imidlalo emine ingangenelwa goli, yabe seyishaya amagoli angu-10 – okuyizimpawu zokuthi iqinile emuva kanti ibukhalo naphambili. 

U-Ouaddou akazange afune ukuphawula ngokuthi kukuphi la engaqinisa khona uma kuvela ithuba. 

Kodwa ugcizelele ukuthi isikwati esikhona kwi-Orlando Pirates njemanje sikhombisa amandla nokuzinikela okufanele – nokuthi ngeke akhale uma kungasayinwanga muntu. 

Leli qembu livele lisayine abadlali ababalelwa ku-14 ngaphambi kokuthi kuqale isizini, futhi asebelitholile ithuba lokudlala bakhombisa ukuba sezingeni elifanele. 

Nokho kungenzeka kube khona abanye okubolekiswa ngabo ukuze bathole ithuba elanele lokudlala kwamanye amaqembu.