
Kuqinisekiswa isizinda seBafana Bafana kwiNdebe yoMhlaba
ALFRED Ngubane
ISouth African Football Association (Safa) isikhiphe isimemezelo esiqinisekisa ukuthi iqembu lesizwe iBafana Bafana lizozinza ePachuca, eMexico.
IBafana iya kwiNdebe yoMhlaba ezosingathwa amazwe amathathu – iMexico, US neCanada ngoJuni.
Lesi sinqumo siqinisekisa ukuthi iqembu lizoba nendawo ekahle yokuziqeqesha nokuzilungiselela lo mcimbi omkhulu webhola.
Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos uzwakalise ukujabula kwakhe okukhulu ngalokhu kukhethwa kwePachuca njengesizinda sabo.
Iqembu lizosebenzisa i-Universidad del Futbol ukuziqeqesha, okuyisikhungo esaziwayo ngezinsiza zaso ezisezingeni eliphezulu.
UMTHELELA WOKUSHESHE KUHLELWE
Mayelana nendawo yokuhlala, abadlali nabasebenzi beBafana bazohlala eCamino Real Pachuca Hotel.
Leli hhotela liqhele ngamakhilomitha ambalwa ukusuka ePachuca.
Lokhu kusho ukuthi bazokwazi ukufinyelela kalula ezinkundleni zokuziqeqesha ngenkathi behlala endaweni ezolile futhi ekahle.
Lesi sinqumo sokuqinisekisa indawo yokuhlala nokuqeqesha kusenesikhathi sibonisa ukuzimisela kweSafa ukuqinisekisa ukuthi iBafana Bafana izilungiselele kahle.
FUNDA NALA | UMotsepe ucacisa eyesimo sikaCardoso
Ukuhlela kusenesikhathi kuzosiza iqembu ukuthi ligxile ngokugcwele ekulungiseleleni okuzokwenzeka enkundleni ngaphandle kweziphazamiso.
Abalandeli beBafana bangalindela ukuthi iqembu lizoba nesikhathi esanele sokuzijwayeza isimo sezulu saseMexico.
