
UVilakazi unethemba ngecebo leChiefs koweRichards Bay
Umdlali we-Kaizer Chiefs, u-Mfundo Vilakazi uthi akakhathazekile ngobungozi beRichards Bay ngaphambi komdlalo wabo weBetway Premiership.
Amakhosi azobhekana neNatal Rich Boyz ePrincess Magogo Stadium KwaMashu ngoLwesithathu. Umdlalo uqala ngo-7.30 ebusuku.
Azobe ebheke ukuthola amaphuzu amathathu ukuze aphinde alingane nezimbangi zawo i-Orlando Pirates esesicongweni.
IPirates ivule igebe lamaphuzu amathathu ngokushaya iSekhukhune United ngoLwesibili ebusuku.
UVilakazi uthi abawangabazi amandla eRichards Bay, ikakhulukazi uma idlala ekhaya.
“IRichards Bay yiqembu elihle kakhulu futhi liyingozi kakhulu uma lidlala ekhaya,” kusho u-Mfundo Vilakazi kwisizindalwazi se-Kaizer Chiefs.
Nokho, lo mdlali uthi Amakhosi aya KwaZulu egcwele ukuzethemba ngoba azilungiselele kahle.
“Siya khona ngokuzethemba. Ithimba labaqeqeshi likwenzile ukuhlaziya kwalo.
“Futhi sinohlelo lomdlalo esikholwa ukuthi luzosiholela ekunqobeni,” kwengeza yena.
UVilakazi uthi iqembu lisesimweni esihle ngaphambi kwalo mdlalo.
“Sonke sisendaweni enhle futhi siyilungele inselelo,” kusho yena.
Uthi iChiefs nawo ifuna ukuqhubeka nomgqigqo omuhle eqale ngawo kwiligi kule sizini.
“Sifuna ukwakha nokugcina umfutho wokuya phambili. Yileyo ndlela esibhekana ngayo nayo yonke imidlalo.”
- FUNDA NALA | OwoKhozi uhluleke ukujima kunqoba iPirates
U-Mfundo Vilakazi uphinde wagcizelela ukuthi abadlali be-Kaizer Chiefs bayazi ukuthi abalandeli balindeleni kubo.
“Siyazazi izinto ezilindelwe abalandeli bethu abamangalisayo futhi asifuni neze ukubaphoxa.”
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
