
Zithini ngo-Olisa Ndah, u-Ouaddou uyachaza
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou engase azithole enenkinga yokuqoka abadlali azoqala ngabo emuva maduze.
Lokhu kulandela ukuthi omunye wezethenjwa zasemuva, u-Olisa Ndah esesondele ekutheni abuyele ekudlaleni ngemuva kwesikhathii eside elimele.
Lo mdlali wasemuva odabuka eNigeria ugcine ukubonakala eqenjini ngoSepthemba ka-2024.
Ngesikhathi engekho, iPirates ithembele kuNkosinathi Sibisi, uThabiso Sesane, uTapelo Xoki, uMbekezeli Mbokazi, kanti muva nje sekukhona noLebone Seema.
Umqeqeshi omusha u-Abdeslam Ouaddou ukuqinisekisile ukuthi kunenqubekela phambili enkulu ngokululama kukaNdah.
“Mayelana nombuzo ngo-Olisa Ndah, useqalile ukuzilolonga. Uyabuya maduze nje. Izinto zihamba kahle futhi ngethemba ukuthi ezinsukwini ezimbalwa uzobe esenathi ngokugcwele.”
Abalandeli bePirates bazobe bemagange ukubona le ntandokazi yabo ibuya. Ukubuya kwakhe kuzoluqinisa kakhulu udonga lwasemuva.
FUNDA NALA | Iyisifundo kwiDowns nabadlali le eyenziwa uRibeiro
Kodwa njengoba uSibisi noMbokazi sebezakhele ubudlelwano obuhle odongeni lwasemuva kwiPirates, uNdah kuzomele ayilwele indawo yakhe.
USeema – osedlale imidlalo emibili edlule kusukela uSibisi ephumile ngenxa yokulimala – naye usekhombise ukuthi akafuni ukuphinde aphume eqenjini eliqala imidlalo.
