
Sifunwa ngapha nangapha isihlabani esisha se-Arrows
Umdlali wasesiswini weGolden Arrows, u-Isaac Cissé, usengomunye wabadlali okulindeleke kusuke omkhulu umbango ngaye uma sekuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali.
Lo mdlali wase-Ivory Coast oneminyaka engu-19 ubudala kuvela ukuthi usehehe iso lamaqembu amakhulu kwiPSL nasemhlabeni jikelele.
UCissé ube nesizini yokuqala enhle kwiBetway Premiership, washeshe wazibonakalisa njengomdlali obalulekile kwiGolden Arrows.
Ukwenza kahle kwakhe – okuhambisana nokushaya amagoli amathathu kule sizini, kukhombisa ikhono lakhe elihle lokuhlasela.
Ifomu yalo mdlali osemncane seyenze kwaba namaqembu asemqaphile, futhi amanye kuvela ukuthi asevele aconsa amathe ngaye.
Imithombo iqinisekisa ukuthi amakilabhu aphezulu aseGauteng asevele aqalile ukuzidlisa satshanyana, elungiselela ukufaka isicelo sokuthengiselwa yena.
Nokho, umbango uqine kakhulu njengoba kukhona namaqembu aphesheya kwezilwandle okuthiwa nawo aseqalile ukubuza ngaye.
Imenenja kaCissé kubikwa ukuthi ithola izicelo ngapha nangapha, ibuzwa ukuthi engatholakala yini lo mdlali.
Kuthiwa amakilabhu aseBelgium nasePortugal — okungamaligi avula amasango okuya emaqenjini amakhulu e-Europe — anentshisekelo enkulu ngoCissé.
Ngaphezu kwalokho, kukhona namaqembu aseNyakatho Afrika okuvela ukuthi nawo asiqaphe ngeso lokhozi isimo ngalo mdlali.
KwiGolden Arrows, ukukhula okusheshayo kukaCissé’ kuthanda ukuba yinselelo njengoba izogcina seyiphunga izesheli ngapha nangapha.
Yize izivundulele leli dayimane, intshisekelo enkulu evela kumakilabhu anamandla ngomali isho ukuthi izobhekana nempi enzima yokumgcina ngale kwale sizini.
FUNDA NALA | Ingqapheli ikhala ngokufa kweBrazil sibhekile
Amawindi okudayiselana ngabadlali ezayo kulindeleke ukuthi eze nombango omkhulu wokusayina uCissé.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
