Ezintsha

Kuphucwe isihlabani uNo 10, ngabe ubekelwe u-Andile Mpisane?

Imibiko iveza ukuthi usihlalo weqembu u-Andile Mpisane, oyindodana kamengameli wale kilabhu uShauwn Mkhize, naye usezodlala kuleli qembu. 

UMpisane uyingxenye yabadlali abane abasayinwe yileli qembu abangebona abokuzalwa Eswatini, okuyinto esisuse isasasa elikhulu. 

Usomabhizinisi wesifazane waseNingizimu Afrika uShauwn ‘MaMkhize’ Mkhize, ongumengameli omusha weHighlanders AM phambilini wathi indodana yakhe ngeke idlale.

Wakusho lokhu emsakazweni waseNingizimu Afrika iMetro FM ngoJulayi ethi mancane amathuba okuthi indodana yakhe idlale eqenjini labo elisha njengoba ifuna ukuba kubaphathi.

Kodwa ngokubika kweTimes of Eswatini kuleli sonto, uMpisane usengomunye wabadlali abasanda kusayinwa yileli qembu. 

UMpisane nonina bangene kwiHighlanders ngemuva kokukhishwa kweRoyal AM kwiPSL yakuleli ngesizini edlule. 

Amahlebezi okuthi ubuyela enkundleni u-Andile Mpisane aqale ngesikhathi se-8Bet Trade Fair Cup yakamuva.

Umdlali wasesiswini oyisihlabani uSiyabonga Mkhonto ubonakale egqoke ijezi elingunombolo 6 esikhundleni sika-10 abenikezwe lona ekuqaleni.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuhamba kukamfowabo odlala ophondweni uPhilani Mkhonto ojoyine iManzini Sea Birds.

Ijezi elingunombolo 10 bekuyijezi likaMpisane abeligqoka kwiRoyal AM, lapho abengumdlali nosihlalo weqembu kanyekanye.

UMpisane ujoyinwa ozakwabo abasuka kwihwihli Thwahla okungumdlali wasesiswini ohlaselayo uSimphiwe Cele noXolani Ngcobo.

Ohlwini lwabadlali abaqhamuka kwamanye amazwe abakwiHighlanders kukhona nonozinti waseGhana u-Innocent Adja osayinwe esuka kwi-Ezulwini United.

Khonamanjalo, obengumdlali wasesiswini weNsingizini Hotspurs u-Ayanda ‘Shoes’ Mabuza nguye ogqamile kubadlali baseSwatini abasayiniwe. 

Kubikwa ukuthi iHighlanders iphinde yaqinisa isikwati sayo ngabadlali ababili abasuka kwiGreen Mamba oSiboniso Shiba noLinda Nkambule.

Iphinde yasayina nomunye unozinti, uSisekelo Maseko obedlala kwiRoyal Leopard phambilini. 

Leli qembu elicijwa ngu-Ernest Mavuso lisayinise nowayengumdlali weMadlenya uBongumusa Fakudze no-Ishmael Zwane obekwiTambankulu Celtics.