Ezintsha

IRichards Bay nesimemezelo esimqoka ngomdlalo wokuqala

Umdlalo bekuhlelwe ukuthi ube seMhlathuze Stadium eRichards Bay, ngoMgqibelo ka-Agast 9.

INatal Rich Boyz izobe isingethe iMarumo Gallants kulo mdlalo kodwa ngeke usadlalelwa kule nkundla yayo esanda kuvulwa kabusha kulandela ukulungiswa kahle.

Le nkundla beyivaliwe amasizini amabili edlule njengoba beyilungiswa kabusha ukuthi ibe sezingeni elidingwa yiPSL. 

Nokho leli qembu selimemezele ukuthi lo mdlalo obusubhekwe ngabomvu ngabalandeli ngeke lisawudlalela enkundleni yalo yasekhaya.

Lokhu kudalwe ukulimala okukhulu kotshani enkundleni kulandela ukuthi kudlalelwe kuyo iKZN Premier’s Cup emasontweni ambalwa edlule.

Lo mqhudelwano wangaphambi kwesizini waqondana nempelasonto enezimvula okwenza inkundla igcine ilimala njengoba yayiminingi nemidlalo eyadlalelwa kuyo. 

Esitatimendeni, iqembu lizwakalise ukudumala ngalokhu kuphazamiseka kwezinhlelo, lathi ushintsho lwenkundla luphoqelekile ukuvikela ukuthi ingagugi ngokwedlulele nokuphepha kwabadlali.

“Kulandela imidlalo enzima yeKZN Premier’s Cup eyayibanjelwe ngezinsuku zemvula, inkundla yethu iMhlathuze Stadium ilimale kakhulu.

“Lokhu kuphoqe ukuthi kushintshwe indawo ukuze kube nesikhathi esanele sokulungisa,” kusho iqembu esitatimendeni.

Izikhulu zeRichards Bay ziqinisekise abalandeli ukuthi umasipala waseMhlathuze nosonkontileka abaqokiwe basebenza ubusuku nemini ukulungisa inkundla.

Iqembu linethemba lokuthi inkundla izobe isikulungele ukusetshenziswa emdlalweni walo wesibili wasekhaya kule sizini, ohlelelwe ukuba ube ngo-26 Agasti la bezobhekana khona neChippa United.

“Siyaxolisa kubalandeli bethu abebejabule ukuthi sebezobona amaqhawe abo ebuya ekhaya, kodwa asikwazanga ukuvumela ukuthi inkiundla yonakale kakhulu,” kuqhubeka isitatimende.

Inkundla ezosetshenziswa esikhundleni seMhlathuze Stadium emdlalweni weGallants izomenyezelwa maduze, kodwa kungenzeka kube yiKing Zwelithini Stadium eseMlazi, eThekwini.

IRichards Bay, efuna ukuqala isizini entsha ngendlela enamandla, manje kuzodingeka ijwayele lesi simo esiyinselelo njengoba iqala umkhankaso wayo kude nasekhaya.

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO