EzintshaKaizer Chiefs

Kuphazamiseke izinhlelo kwiChiefs uNabi ephuthuma ekhaya

Lo mqeqeshi waseTunisia ube nesimo esiphuthumayo somndeni ekhaya okumphoqe ukuthi aye khona sekusele izinsuku ezimbili ngaphambi komdlalo wokuqala weChiefs. 

Lokhu kuqinisekiswe yiChiefs esitatimendeni esishicilele ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesihlanu ntambama.

“Kungobuhlungu ukuthi sazise abalandeli bethu ukuthi umqeqeshi uNasreddine Nabi ngeke ahambe neqembu eliya eKapa. 

“Kube nengozi embi okumbandakanyeke kuyo umkakhe eyenzeke eTunisia, okuphoqa umqeqeshi ukuthi alibangise khona namuhla ebusuku ukuze abe nomkakhe nomndeni.

“Umqeqeshi uNabi uzobuyela eNingizimu Afrika uma isimo sesingcono,” kusho iChiefs esitatimendeni.

Njengoba uNabi ezobe engekho, amaphini akhe uKhalil Ben Youssef noCedric Kaze yiwo azothatha izinqumo zamaqhinga emdlalweni wangeSonto.

“Umqeqeshi ube nezingxoxo nethimba labaqeqeshi ukulungiselela umdlalo ngaphambi kokuhamba. 

“Njengoba umqeqeshi uNabi engekho, iphini lakhe lokuqala uKhalil Ben Youssef nelesibili uCedric Kaze yibo abazobe besebhentshini emdlalweni ozayo.

“IKaizer Chiefs yedlulisa izilokotho ezinhle kumqeqeshi uNabi nomndeni wakhe ngalesi sikhathi esinzima. 

“Sicela bonke abalandeli ukuthi bambeke emicabangweni nasemithandazweni yabo.”

FUNDA NALA | IStellies ‘seyidale iplan’ yikwengeza amathiki omdlalo weChiefs

IChiefs izohlangana neStellenbosch FC e-Athlone Stadium ngeSonto emdlalweni okulindeleke ukuthi udlalwe enkundleni egcwele phama. 

Amathikithi omdlalo aqale athengiswa aphela ngoLwesihlanu ekuseni, kodwa iStellies yabe seyenza izinhlelo zokuthi kwengezwe amathikithi. 

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO