EzintshaOrlando Pirates

UMabasa uphawula ngokugajwa kwakhe kwiBafana

UTshegofatso Mabasa akasakufakile kakhulu ekhanda ukubuyela kwiBafana Bafana, kodwa usezitshele ukuthi kuyokwenzeka uma kudaliwe. 

Lo mgadli wePirates akabizwa nhlobo kwiBafana kusukela kwafika uHugo Broos noma ngabe wenza kahle kangakanani eqenjini lakhe. 

Ngesizini edlule ubewashaya sengathi uyabukisa amagoli, futhi kunguye umgadli wakuleli osefomini kodwa wazitshwa. 

Kulokhu ungenile esikwatini sabadlali abangu-32 uBroos abezoqoka kubo iqembu lakhe elizodlala imidlalo yokuhlungela iCaf Africa Cup of Nations. 

IBafana izobhekana neCongo-Brazzaville eNelson Mandela Bay Stadium ngoLwesihlanu, bese iphinda nayo ekuhambeni ngo-Okthoba 11. 

UMabasa usalile sekuqokwa iqembu labadlali abangu-23 abazodlala kule midlalo emibili futhi akumkhathazi lokho. 

Ngempelasonto usize iPirates, eshaya igoli lesibili, ngesikhathi ihlula iStellenbosch FC ukuze inqobe iMTN8 okwesithathu kulandelana. 

“Ukuza endabeni yeqembu lesizwe, kuzokwenzeka, uma uMdali ekufuna, kuzokwenzeka,” kusho uMabasa. 

“Mina ngizoqhubeka ngokubhakuzisa inethi, ngiqhubeke nokusebenza kanzima ejimini ngoba ngiyazi kumele ngeseke ozakwethu.

“Wonke umuntu uyangitshela ukuthi kumele ngingalehlisi izinga, bathingiqhubeke nokuzikhandla futhi kuzokwenzeka (ukubuyela kwiBafana).”