
Angase abuyele kwiPSL uMusona, ufunwa amathathu
- Intatheli yeLISENETHINI
Kunamaqembu amabili ePremier Soccer League (PSL) afuna umgadli odabuka eZimbabwe, owake wadlala kuleli phambilini.
Kuvela ukuthi uWalter Musona uke wafunwa uthuli yiKaizer Chiefs, kodwa yagcina ingamtholanga kanti manje sekunelinye iqembu elimfunayo.
UWalter ungumfowabo omncane kaKnowledge Musona owazakhela igama kwiChiefs phambilini.
Yena (uWalter) uke wadlala kwiPolokwane City phambilini, ngaphambi kokubuyela kwelakubo.
Njengamanje udlala kwiSimba Bhora ezihola phambili kwilogi yeligi yakuleliya zwe.
“Kunamaqembu amabili eNingizimu Afrika amfunayo,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Ekuqaleni bekuyiKaizer Chiefs ebimfuna, kodwa manje kunamanye amaqembu amabili asevelile.
“Axoxisana nosihalo. Kodwa siyazi ukuthi amaqembu adlala esigabeni esiphezulu eNingizimu Afrika.
Omunye umthombo uthe lamaqembu angaze amthole ngoJanuwari njengoba iligi yaseZimbabwe iqhubeka, newindi lokusayina abadlali kuleli livaliwe.
“Neqembu lakhe akulula limdedele ngoba lisemjahweni wesicoco seligi kanti nguyena umgadli abathembele kuye.
“Amaqembu amfunayo engaze amthole ngoJanuwari,” kuchaza lo mthombo.
