AmaqembuEzintsha

Kungani awaseKZN ebukwa zinkonjane? Abalandeli bayachaza

Umkhuba bawukhomba ekhaya abalandeli baKwaZulu-Natal ngokuthi amaqembu akulesi sifundazwe abukwe zinkonjane.

Ukungakhuli kwesibalo sabalandeli ababuka amaqembu aseKZN uma edlala ekhaya yinto esiqala ukuthatha amehlo nokukhathaza.

Selokhu kwagcina ngeMaritzburg United isadlala eHarry Gwala Stadium ngoLwesihlanu ukubona iqembu lakulesi sifundazwe libukwa yizindimbane zabantu. 

IGolden Arrows yona ize yashintsha inkundla, yaya eMpumalanga Stadium eseHammarsdale, kodwa nakhona ayibatholi abalandeli ngendlela elindelekile. 

Empeleni nje, amaqembu aseKZN agcina ukudlala enkundleni egcwele uma esingethe amaqembu amakhulu aseGoli – i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs. 

Kodwa manje abalandeli sebekuvezile okwenza kube njalo, njengoba bethi amaqembu avele awabanaki, awanandaba nabo.

UFundakwezakhe Biyela, ongumlandeli wokuqina waMaZulu FC utshele iLisenethini abaphathi bamaqembu aseKZN ababazi nokuthi bayini.

“Abantu okuyibona abangasazi ukuthi ngabe simqoka kanjani emaqenjini esiwalandelayo KwaZulu-Natal ngabaphathi.

“Yilaba abaphethe kwezokukhangisa kulama qembu njengoba behlala emahhovisi bakhulume ngezindaba zemizi yabo, bakhohlwe yithi.

“Ngeke ubabone bephuma beyofuna abalandeli lapho bengakhona,” kusho uBiyela.

Ukhale ngokuthi ngisho kunemidlalo yomkhaya eKZN, kuyazibandela nje, ngeke ubabone abaphathi betatazela bezama ukushukumisa abalandeli. 

“Uma ngabe kunomdlalo womkhaya, abaphathi bezokukhangisa bavele bethi umdlalo ngoweRichard Bay FC… 

“Bona babe sebehlala ke bengagqugquzeli abalandeli bebhola ukuthi baphume bezowubuka.”