Ezintsha

Kumhambela kahle uRulani Mokwena e-Algeria

UMokwena, ozakhele igama kwiMamelodi Sundowns, usaqhubeka nokwenza kahle eNyakatho Afrika ngemuva kokuhola i-MC Alger ukuthi iphinde inqobe ngoMgqibelo.

Labo mpetha base-Algeria bahlule iMostaganem ngo 1-0 emdlalweni weLigue 1, ngegoli likaZakaria Naidji alishaye ngomzuzu ka-59.

Lo mphumela uthathe iqembu likaRulani Mokwena walikhuphulela endaweni yesihlanu kwilogi ngamaphuzu angu-10, lisele ngamane kuphela kweliqhwakele iSaoura. 

Kuphinde kuphawule ukunqoba kwabo okwesithathu kulandelana emidlalweni yeligi, okuyisitatimende esiqinile esivela kusomaqhinga waseNingizimu Afrika osesheshe wazinza e-Algeria.

Lokhu kuwina kulandela ukudlulela phambili kwe-MC Alger kwiCaf Champions League, njengoba yehlule iFC Fassell yaseLiberia ukuze bafinyelele emzuliswaneni olandelayo.

Umsebenzi kaRulani Mokwena e-Algiers ucacile — ukuvikela isicoco seligi bese enza kahe kwiChampions League kunangesizini edlule la leli qembu lisale khona esigabeni sokuqala somkhumulajezi. 

Okulindelekile kuye kuphezulu kakhulu ngemuva kokuxoshwa kukaKhaled Ben Yahia, oxoshwe yize enqobe isicoco seligi.

Kodwa ingcindezi ayiyona into entsha kuMokwena. Ubhekane nokubhekisiswa okukhulu kwiMamelodi Sundowns nakwiWydad Casablanca.

Manje lo mqeqeshi oneminyaka engu-37 ubudala ubonakala ekulungele ukufakazela ukuthi kungani ethathwa njengomunye wongqondongqondo kwezokuqeqesha e-Afrika.